Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 35:16 - Contemporary Zulu Bible 2024

16 Basuka eBethele; kwasekusele ingcosana ukuthi ufike e-Efrathi, uRaheli waba lomhelo, wabeletha kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Base besuka eBethele; kwakuse yibangana ukuya e-Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Bathutha eBhethele. Kuthe kuselibangana ukuba bafike e-Efratha, uRaheli wabeletha emveni kokuhelelwa kanzima.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 35:16
15 Referans Kwoze  

Kepha wena, Betlehema Efrata, noma umncane phakathi kwezinkulungwane zakwaJuda, uyakuphuma kuwe eze kimi, oyakuba ngumbusi kwa-Israyeli; okuphuma kwawo kwakusukela endulo, kwaphakade.


Kwezwakala izwi eRama, ukulila nokukhala nokulila okukhulu, uRaheli ekhalela abantwana bakhe, engafuni ukududuzwa, ngokuba bengasekho.


Mina-ke, ekuphumeni kwami ePhadani, uRaheli wafa nami ezweni laseKhanani endleleni, kusekude ukuba ngifike e-Efrati; ngammbela lapho endleleni yase-Efrati; okuyiBetlehema.


Nokho uyakusindiswa ngokuzala abantwana, uma behlala ekukholweni nasothandweni nasebungcweleni kanye nokuqonda.


Khona uHerode, ebona ukuthi uklolodelwe yizazi, wathukuthela kakhulu; isikhathi ayebuzisise ngaso kwabahlakaniphileyo.


Kwathi uJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi, bheka, kwafika eJerusalema izazi zivela empumalanga,


Bheka, sikuzwile e-Efrati, sikufumene endle;


Wafa u-Asuba, uKalebi wazithathela u-Efrati, wamzalela uHure.


Wathi kuye: “Hamba ngokuthula.” Ngakho wasuka kancane kuye.


Igama lalowo muntu lalingu-Elimeleki, igama lomkakhe lalinguNawomi, namagama amadodana akhe amabili ayengoMagiloni noKiliyoni, ama-Efrata aseBetlehema Juda. Bafika ezweni lakwaMowabi, bahlala khona.


URaheli wafa, wembelwa endleleni yase-Efrati eyiBetlehema.


Wathi kowesifazane: “Ngiyakwandisa kakhulu usizi lwakho nokukhulelwa kwakho; ngosizi uyakuzala abantwana; ukufisa kwakho kuyakuba sendodeni yakho, yona izokubusa.


Bonke abantu ababesesangweni namadoda amakhulu bathi: “Singofakazi.” UJehova makenze owesifazane ongene endlini yakho abe njengoRaheli nanjengoLeya abakha indlu yakwa-Israyeli bobabili; wenza kahle e-Efrati, waduma eBetlehema.


Kwathi ngesikhathi sokufa kwakhe abesifazane ababemi khona bathi kuye: “Ungesabi; ngoba uzele indodana. Kodwa akazange aphendule, futhi akazange akucabange lokho.


Lapho nisuka kimi namuhla niyakufumana amadoda amabili ethuneni likaRaheli emngceleni wakwaBenjamini eSelsa; bayakuthi kuwe: Izimbongolo obuye ukuzifuna zitholiwe; bheka, uyihlo waziyeka izimbongolo, wadabuka ngawe, wathi: ‘Ngiyakwenze njani ngendodana yami na?’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite