Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 33:4 - Contemporary Zulu Bible 2024

4 U-Esawu wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wawa entanyeni yakhe, wamanga; basebekhala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 U-Esawu wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wawa ngasentanyeni yakhe, wamanga; bakhala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Kepha u-Esawu wathathela ngejubane wamhlangabeza uJakobe umnawakhe, wafike wamgona, wamgomothela, wamanga, base bekhala.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 33:4
18 Referans Kwoze  

Ngamfuna uJehova, wangizwa, wangikhulula kukho konke ukwesaba kwami.


Yasuka, yaya kuyise. Kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wawa entanyeni yakhe, wayanga.


Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli;


Basebekhala kakhulu bonke, bawela entanyeni kaPawuli, bamanga;


Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, wenza ngisho nezitha zakhe zibe nokuthula naye.


UJosefa walungisa inqola yakhe, wakhuphuka ukumhlangabeza u-Israyeli uyise eGosheni, wammisa phambi kwakhe; wawela entanyeni yakhe wakhala isikhathi eside entanyeni yakhe.


Wakhala ngezwi elikhulu, abaseGibithe nendlu kaFaro bakuzwa.


Lapho bephakamisa amehlo abo bekude, bengamazi, baphakamisa izwi labo, bakhala; baklebhula, kwaba yilowo nalowo ingubo yakhe, bafafaza ngothuli emakhanda abo ezulwini.


Ngiyakuncenga, Jehova, ukuthi indlebe yakho mayizwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezesaba igama lakho; umusa emehlweni alendoda. Ngoba ngangingumphathizitsha wenkosi.


UJosefa washesha; ngoba izibilini zakhe zinxanela umfowabo, wadinga lapho angakhala khona; wangena ekamelweni lakhe, wakhala khona.


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; Uyiphendulela lapho ethanda khona.


Wabathatha, wabathuma basuka phambi kwakhe; kepha ukudla kukaBenjamini kwaba ngokuphindwe kahlanu kunabo bonke. Baphuza, bajabula naye.


UJakobe wamanga uRaheli, waphakamisa izwi lakhe, wakhala.


ULabani esezwile umbiko kaJakobe indodana kadadewabo, wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wamanga, wamngenisa endlini yakhe. Wamtshela uLabani zonke lezi zinto.


Ngisindise esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngokuba ngiyamesaba, funa afike angishaye kanye nonina kanye nabantwana.


UJowabe wayeseya enkosini, wayitshela; esembizile u-Abisalomu, weza enkosini, wakhothamela phansi ngobuso phambi kwenkosi; inkosi yamanga u-Abisalomu.


Kwathi umfana esehambile, uDavida wasukuma endaweni ebheke eningizimu, wawa ngobuso emhlabathini, wakhothama kathathu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite