Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 33:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Wathenga isiqephu sezwe lapho agxumeka khona itende lakhe esandleni sabantwana bakwaHemori uyise kaShekemi ngezinhlamvu eziyikhulu zemali.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Wathenga isiqephu sezwe, lapho ebemise khona itende lakhe, esandleni samadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita* ayikhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 Wathenga isiqinti kuleyo nsimu ayegobe kuyo amadlangala, emadodaneni kaHamori, uyise kaShekhemu; sasibiza ikhulu lezinhlamvu zesiliva zenani eliphezulu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 33:19
10 Referans Kwoze  

Bathwalwa basiwa eShekemi, babekwa ethuneni u-Abrahama awalithenga ngenani lemali kumadodana kaHamori waseShekemi.


Wayesefika emzini waseSamariya othiwa iSikhari, eduze nesiqephu sensimu uJakobe asinika uJosefa indodana yakhe.


Amathambo kaJosefa abantwana bakwa-Israyeli abakhuphula ngawo eGibithe bawembela eShekemi endaweni uJakobe ayithenga emadodaneni kaHamori uyise kaShekemi ngamashekeli ayikhulu esiliva; ifa labantwana bakwaJosefa.


Wamisa khona i-altare, walibiza ngokuthi i-Elohe-Israyeli.


Wakhuluma ku-Efroni ezindlebeni zabantu bezwe, wathi: “Kepha uma uthanda ukukunika, ngilalele; ngiyakukunika imali yezwe; yithathe kimi, ngimmbele khona ofileyo wami.


Nkosi yami, ngilalele: izwe lilingana namashekeli angamakhulu amane esiliva; yini phakathi kwami nawe? bese ungcwaba ofileyo wakho.


Wayesethi uGahali indodana ka-Ebedi: “Ngubani u-Abimeleki, ungubani uShekemi ukuba simkhonze na?” akayona indodana kaJerubali na? noZebhule induna yakhe? khonzani amadoda kaHamori uyise kaShekemi, ngokuba thina siyakumkhonza ngani na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite