Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 33:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 UJakobe wasuka waya eSukoti, wazakhela indlu, wenzela izinkomo zakhe amadokodo; ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iSukoti.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UJakobe wasuka waya eSukoti, wazakhela indlu, wenzela izinkomo zakhe amathanga; ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iSukoti.*

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 UJakobe walibhekisa eSukhothi, wafike wathi gozololo khona, wakha nemipheme yemfuyo yakhe. Yingakho nje leyo ndawo ayibiza ngokuthi yiSukhothi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 33:17
10 Referans Kwoze  

UNkulunkulu wakhuluma ebungcweleni bakhe; Ngiyakuthokoza, ngilihlukanise iShekemi, ngilinganise isigodi saseSukoti.


Wayesethi kubantu baseSukoti: “Nikani abantu abangilandelayo izinkwa; ngoba bakhathele futhi ngibaxosha oSheba noSalimuna amakhosi akwaMidiyani.


nasesigodini iBeti-ram, neBeti Nimra, neSukoti, neSafoni, ingxenye eseleyo yombuso kaSihoni, inkosi yaseHeshiboni, neJordani nemikhawulo yalo, kuze kube semaphethelweni oLwandle lwaseKinereti ngaphesheya kweJordani, ngasempumalanga.


Wathatha amalunga omuzi nameva asehlane namakhakhasi, wafundisa amadoda aseSukoti kanye nawo.


Wenyuka lapho, waya ePhenuweli, wakhuluma kubo ngokunjalo; abantu basePhenuweli bamphendula njengalokho bamphendula abantu baseSukoti.


Inkosi yawathela ethafeni laseJordani emhlabathini wobumba phakathi kweSukoti neSarithani.


Wabamba insizwa yamadoda aseSukoti, wacebisana nayo; wamlobela izikhulu zaseSukoti namalunga alo, amadoda angamashumi ayisikhombisa.


Basuka eSukoti bamisa inkamba e-Etamu ekugcineni kwehlane.


Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamsesi baya eSukoti, kungathi izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha ezihamba ngezinyawo, amadoda ngaphandle kwabantwana.


Ngakho u-Esawu wabuya ngalolo suku ngendlela yakhe eya eSeyiri.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite