Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 32:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJakobe wesaba kakhulu, wakhathazeka, wahlukanisa abantu ababe naye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, izigaba ezimbili;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJakobe wayeseshaywa luvalo kakhulu, ekhathazeka; wahlukanisa abantu ababenaye, nezimvu, nezinkomo, namakamela, kwaba ngamaqembu amabili,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 UJakobe wesaba kakhulu, wakhathazeka, wayesehlukanisa abantu ayehamba nabo, nezimvu, nezinkomo, namakameli, kwaba ngamaqembu amabili,

Gade chapit la Kopi




UGenesise 32:7
22 Referans Kwoze  

Masisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare owangiphendula osukwini lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engahamba ngayo.


Yebo, bonke abathanda ukuphila ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa.


osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze sibe lamandla okududuza labo abasosizini lonke, ngenduduzo esiduduzwa ngayo thina ngokwethu nguNkulunkulu.


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.


Lezizinto ngizikhulume kini ukuze libe lokuthula kimi. Ezweni niyakuba nosizi, kepha yimani isibindi; mina ngilinqobile izwe.


Bhekani, ngiyanithuma ninjengezimvu phakathi kwezimpisi; ngakho hlakaniphani njengezinyoka, nibe msulwa njengamajuba.


Wathi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na? Wasevuka, wayikhuza imimoya nolwandle; kwaba khona ukuthula okukhulu.


Ngoba uNkulunkulu wakhe uyamfundisa iseluleko futhi amfundise.


Ukuzindla kuyakulondoloza, ukuqonda kuyakulonda.


Ngabheka ngakwesokunene sami, ngabona, kepha kwakungekho muntu ongangazi; akakho onakekela umphefumulo wami.


Base bembiza uJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula osizini lwabo.


Ngiyakukhuleka kuwe ngisemikhawulweni yomhlaba, lapho inhliziyo yami isidangale; ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.


Ngokuba ngizwile ukuhleba kwabaningi; njengoba becebisana ngami, baceba ukususa umphefumulo wami.


UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo, bheka, abaseGibithe babebalandela; besaba kakhulu, abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova.


Ngisindise esandleni somfowethu, esandleni sika-Esawu, ngokuba ngiyamesaba, funa afike angishaye kanye nonina kanye nabantwana.


Umuntu omuhle uyahawukela, atsheleke; Uzoqhuba izindaba zakhe ngokuxoxa.


UJakobe wathuma izithunywa phambi kwakhe ku-Esawu umfowabo ezweni laseSeyiri, izwe lakwa-Edomi.


Wathi: “Uma u-Esawu efika kwesinye isixuku, asinqobe, esinye isixuku esiseleyo siyakuphunyuka.”


UJakobe waphakamisa amehlo akhe, wabona, nango u-Esawu eza enamadoda angamakhulu amane. Abantwana wabahlukanisela uLeya noRaheli nezincekukazi zombili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite