Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 32:30 - Contemporary Zulu Bible 2024

30 UJakobe waqamba leyo ndawo ngokuthi iPheniyeli, ngokuba ngibone uNkulunkulu ubuso nobuso, wasinda umphefumulo wami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 UJakobe waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iPheniyeli,* ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, nokho umphefumulo wami wophulwa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 UJakobe wayiqamba leyo ndawo wathi kusePheniyeli, ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, angaze ngafa.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 32:30
28 Referans Kwoze  

Ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo, ngokusobala, kungabi ngamazwi angamafu; futhi uyobona isimo sikaJehova. Aningesabi ngani ukukhuluma kabi ngenceku yami uMose na?


Wasebiza ibizo leN kosi eyayikhuluma laye wathi: UNkulunkulu wakho uyangibona, ngoba wathi: Kambe ngimbonile yini lapha ongibonayo?


Ngasengisithi: Maye kimi! ngoba sengiphelile; ngokuba ngingumuntu onezindebe ezingcolile, ngihlala phakathi kwabantu abazindebe zingcolile; ngokuba amehlo ami abonile iNkosi, uJehova Sebawoti.


Futhi nathi: Bhekani, uJehova uNkulunkulu wethu usesenze sabona inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, futhi sizwile izwi lakhe livela emlilweni; sibonile namuhla ukuthi uNkulunkulu ukhuluma nomuntu, aphile.


Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.


Ngokukholwa washiya iGibithe, engesabi ulaka lwenkosi, ngokuba waqinisela sengathi uyambona ongabonwayo.


Kodwa khathesi sibonakalisiwe ngokubonakala koMsindisi wethu uJesu Kristu, osechithile ukufa, waseveza ekukhanyeni ukuphila lokungabhubhi ngevangeli;


ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aninike umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena;


Wathi: “Ubuso bami buyakuhamba nawe, ngikuphumuze.”


Ongumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo, izibulo lezidalwa zonke.


Ngiyamangala ngokuthi nihlubuke masinya kangaka kulowo owanibizela emuseni kaKristu, niye kwelinye ivangeli;


Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.


Kepha thina sonke esibuka ngobuso obembuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni, siyaguqulwa sifane naye sisuka enkazimulweni siye enkazimulweni, njengalokhu sikuye uMoya weNkosi.


UJerobowamu wakha iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, wahlala kulo; waphuma lapho, wakha iPnuweli.


Wabhidliza umbhoshongo wasePhenuweli, wabulala abantu bomuzi.


Wenyuka lapho, waya ePhenuweli, wakhuluma kubo ngokunjalo; abantu basePhenuweli bamphendula njengalokho bamphendula abantu baseSukoti.


Kusukela ngaleso sikhathi akuvelanga mprofethi kwa-Israyeli njengoMose owamazi uJehova ubuso nobuso;


Waqamba leyo ndawo ngokuthi iBethele, kepha igama lalowo muzi laqala ngokuthi iLus.


Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi; kepha ngaleso sikhathi ubuso nobuso; manje ngazi inxenye; kodwa ngalesosikhathi ngizakwazi njengoba lami ngaziwa.


UJoshuwa wayeseJeriko, waphakamisa amehlo akhe, wabheka, bheka, nanto indoda imi maqondana naye iphethe inkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; uJoshuwa waya kuye, wathi kuye: “Ungowethu noma ungowezitha zethu na?


UNkulunkulu waphinda wabonakala kuJakobe ekuphumeni kwakhe ePhadani Aramu, wambusisa.


UManowa wayesethi engelosini kaJehova: “Ungubani igama lakho, ukuze sikudumise, uma amazwi akho egcwaliseka na?


Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Ubuzelani kanjalo ngegama lami, lokhu liyimfihlo na?


Ngokuba konke ukulwa kweqhawe kunomsindo ophithizelayo, nezingubo ezigingqelwe egazini; kodwa kuyakuba ngumlilo nezinkuni zomlilo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite