Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 32:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 UJakobe wasala yedwa; kwaba khona umuntu wabambana naye kwaze kwasa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Wasala yedwa uJakobe; kwabambana naye umuntu, kwaze kwasa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 UJakobe wasala yedwa, indoda yimbe yabambana naye kwaze kwasa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 32:24
23 Referans Kwoze  

Ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi balobu bumnyama bomhlaba, nobubi bomoya ezindaweni eziphakemeyo.


Phikelelani ukungena ngesango elincane; ngokuba ngithi kini: Abaningi bayakufuna ukungena, kodwa bahluleke.


Wathi: “Igama lakho alisayikuthiwa uJakobe, kepha u-Israyeli;


ngokukhuleka konke nokunxusa nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya, nikulinde ngokubekezela okukhulu nokunxusela abangcwele bonke;


UJakobe waqamba leyo ndawo ngokuthi iPheniyeli, ngokuba ngibone uNkulunkulu ubuso nobuso, wasinda umphefumulo wami.


Esosizini olunzima wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi, aconsela emhlabathini.


Wayesethi uRaheli: “Ngabambana nodadewethu ngokushikashikana okukhulu, ngamnqoba, waqamba igama layo ngokuthi uNafetali.”


Umuntu wokuqala uvela emhlabeni, ungowomhlaba; umuntu wesibili yiNkosi evela ezulwini.


Uyakhonza kini u-Ephafra ongomunye wakini, inceku kaKristu, enilwela njalo emikhulekweni, ukuze nime niphelele niphelele entandweni yonke kaNkulunkulu.


Kuze kuse, amathunzi abaleke, phenduka, sithandwa sami, ube njengenkela noma ithole lendluzele ezintabeni ezingcono.


Ingelosi eyangikhulula ebubini bonke ibusisa abafana; igama lami malibizwe phezu kwabo negama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; futhi mabakhule babe yisixuku phakathi komhlaba.


Owathi emihleni yenyama yakhe, lapho enikele imikhuleko nokunxusa ngokukhala okunamandla nezinyembezi kuye onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngokwesaba kwakhe;


Ngokuba ngithanda ukuba nazi ukuthi kungakanani ukulwa enginakho ngenxa yenu, nangenxa yabaseLawodikeya, nabo bonke abangabubonanga ubuso bami enyameni;


Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ngenxa yeNkosi uJesu Kristu, nangenxa yothando lukaMoya, ukuba nikhuthale kanye nami emikhulekweni yenu kuNkulunkulu ngenxa yami;


Umuntu uyakuba njengendawo yokukhosela emoyeni nesivikelo esivunguvungwini; njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo, njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.


UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle, ulwandle lwabuyela ngamandla alo ekuzeni kokusa; abaseGibithe bawubalekela; uJehova wagumbuqela abaseGibithe phakathi kolwandle.


Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.


Wabathatha, wabawelisa umfula, wathumela lokho anakho.


Esebona ukuthi akamnqobanga, wamthinta esikhoxeni senyonga; isikhonkwane senyonga kaJakobe saqhekezeka ekubambeni kwakhe.


UJoshuwa wayeseJeriko, waphakamisa amehlo akhe, wabheka, bheka, nanto indoda imi maqondana naye iphethe inkemba yayo ehoshiweyo esandleni sayo; uJoshuwa waya kuye, wathi kuye: “Ungowethu noma ungowezitha zethu na?


Ngase ngisele ngedwa, ngabona lo mbono omkhulu, aphela amandla kimi, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angibange ngibe namandla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite