Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 32:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Walala khona ngalobo busuku; ekufikeni kwakhe waphathela u-Esawu umfowabo isipho;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Walala khona lobo busuku; kulokho okwakusesandleni sakhe wathathela u-Esawu umfowabo isipho:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Walala lapho ngalobo busuku. Kwathi ezintweni ayenazo wathathela umnewabo u-Esawu isipho:

Gade chapit la Kopi




UGenesise 32:13
18 Referans Kwoze  

U-Israyeli uyise wayesethi kubo: “Uma kunjalo, kwenzeni; Thathani ezitsheni zenu izithelo ezinhle kakhulu zezwe, nilethe isipho kumuntu, ibhalisamu elincane nezinyosi ezincane, izinongo nomure, amakinati nama-alimondi;


Isipho somuntu simvulela indawo futhi simyisa phambi kwabakhulu.


Isipho ekusithekeni sithulisa ukuthukuthela, umvuzo esifubeni ulaka olunamandla.


Abaningi bayakuncenga isikhulu, bonke bangabangane bakhe ophayo.


Isipho sinjengetshe eliyigugu emehlweni alowo onakho;


UJosefa esengenile endlini, amngenisa endlini isipho esasisesandleni sawo, akhothamela phansi phambi kwakhe.


Manje-ke, lesi sibusiso inceku yakho esilethe enkosini yami, masinikwe nezinsizwa ezilandela inkosi yami.


Buza izinsizwa zakho, zizokukhombisa. Ngakho-ke izinsizwa mazithole umusa emehlweni akho, ngokuba siyeza ngosuku oluhle; kunika izinceku zakho nendodana yakho uDavide konke okusesandleni sakho.


UJosefa wayengumbusi wezwe, wayethengisa kubo bonke abantu bezwe; bafika abafowabo bakaJosefa bakhothama phambi kwakhe ubuso babo bubheke phansi.


Wathi uJakobe: “Qha, uma ngifumene umusa emehlweni akho, thatha isipho sami esandleni sami; ngoba ngalokho ngibone ubuso bakho kungathi ngibonile ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami.


Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.


izimpongo ezingamakhulu amabili, nezimpongo ezingamashumi amabili, nezimvukazi ezingamakhulu amabili, nezinqama ezingamashumi amabili;


Wathi: “Uthini ngazo zonke lezi zinkomo engihlangane nazo na?” Wathi: “Bayakufumana umusa emehlweni enkosi yami.”


Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, ukuze kuthi noma ekhona ongabala uthuli lomhlaba, ibalwe nenzalo yakho.


Wamkhiphela ngaphandle, wathi: “Bheka isibhakabhaka, ubale izinkanyezi, uma ungazibala; wathi kuye: Iyakuba njalo inzalo yakho.


Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;


Ngase ngimisa ezindaweni eziphansi emva kodonga nasezindaweni eziphakemeyo, ngamisa abantu ngezizukulwane zabo ngenkemba yabo, nemikhonto yabo, neminsalo yabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite