Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 31:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uyihlo wangikhohlisa, waguqula inkokhelo yami kayishumi; kodwa uNkulunkulu kamvumelanga ukuthi angilimaze.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha uyihlo ungikhohlisile, waguqula umvuzo wami kayishumi; kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukwenza okubi kimi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 kepha yena ungiqolile waguqula iholo lami izikhathi eziyishumi, kodwa uNkulunkulu akamvumelanga ukuba angilimaze.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 31:7
19 Referans Kwoze  

Ngibe neminyaka engamashumi amabili endlini yakho; Ngakukhonza iminyaka eyishumi nane ngenxa yamadodakazi akho amabili neminyaka eyisithupha ngenxa yezinkomo zakho; futhi uwuguqule iholo lami izikhathi eziyishumi.


Kusemandleni esandla sami ukukulimaza; kodwa uNkulunkulu kayihlo ukhulume kimi izolo ebusuku, wathi: Ziqaphele, ungakhulumi okuhle kumbe okubi kuJakobe.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngalezo zinsuku kuyakuthi amadoda ayishumi avela kuzo zonke izilimi zezizwe abambe, yebo, abambe isivikelo somJuda, athi: ‘Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unawe.


Ngoba uJehova uthanda ubulungisa futhi akabashiyi abathandwayo bakhe; bayalondolozwa kuze kube phakade, kepha inzalo yababi iyachithwa.


Kwathi abaJuda ababehlala labo sebefikile, basibikela izikhathi ezilitshumi, bathi: Ezindaweni zonke lapho elizabuyela khona kithi, lizakuba phezu kwenu.


Ngokuba bonke labo bantu ababona inkazimulo yami nezimangaliso zami engazenza eGibithe nasehlane, manje sebengilingile izikhathi eziyishumi, abalalelanga izwi lami;


Asikho isikhali esenzelwa wena esiyophumelela; nalo lonke ulimi olukuvukelayo ekwahluleleni kumelwe ululahle. Leli yifa lezinceku zikaJehova, nokulunga kwazo okuvela kimi,” usho uJehova.


Ngalolo suku abesifazane abayisikhombisa bayakubamba indoda eyodwa, bathi: ‘Siyakudla esethu isinkwa, sembathe ezethu izingubo; masibize igama lakho kuphela, ususe ihlazo lethu.


ningithukile izikhathi eziyishumi; aninamahloni ngokuzenza abemzini kimi.


Kawunalo yini uthango nxazonke zakhe lendlu yakhe laphezu kwakho konke akwenzileyo inhlangothi zonke? Wawubusisa umsebenzi wezandla zakhe, nempahla yakhe yanda ezweni.


Uma ngiluphulile udondolo lwesinkwa senu, abesifazane abayishumi bayakubhaka isinkwa senu kuhhavini munye, babuyisele isinkwa senu ngesisindo; uyakudla ungasuthi.


UNkulunkulu wathi kuye ngephupho: Yebo, ngiyazi ukuthi ukwenzile lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; ngokuba nami nganivimbela ukuba ningoni kimi; ngalokho ngakuvumela ukuba ungamthinti.


Uyibiyile indlela yami ukuze ngingadluli, ubeke ubumnyama emikhondweni yami.


Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lathi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho, nomvuzo wakho mkhulu kakhulu;


Kwathi sekusile, wabona ukuthi nguLeya, wathi kuLabani: “Wenzeni kimi na?” Angikukhonzanga uRaheli na? pho ungikhohliseleni?


Wathi: “Nginqumele inkokhelo yakho, ngikunike.”


UNkulunkulu wayesefika kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Ziqaphele ukuba ungakhulumi okuhle noma okubi kuJakobe.”


Kuzo zonke izindaba zokuhlakanipha nokuqonda inkosi eyayibabuza yona, yathola ukuthi babengcono ngokuphindwe kashumi kunabo bonke abahlola imilingo nabahlola izinkanyezi ababesembusweni wayo wonke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite