Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 31:42 - Contemporary Zulu Bible 2024

42 Uma uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, nokwesaba kuka-Isaka, wayengenami, ngabe ungimukise ngize. UNkulunkulu ulubonile usizi lwami nomsebenzi wezandla zami futhi wakusola izolo ebusuku.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

42 Uma ebengenami uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, ukwesaba kuka-Isaka, ngempela ubuyakungimukisa ze. UNkulunkulu ubone ukuhlupheka kwami nokukhathala kwezandla zami, wakusola ubusuku obudlule.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

42 Uma uNkulunkulu kababa ebengenami, uNkulunkulu ka-Abhrahama, noKwesaba kuka-Isaka, ngabe manje ungibuyisela emuva ngingenalutho. Kepha uNkulunkulu ukubonile ukuhlupheka nokuzikhandla kwami, wazibonakalisa kuwe ebusuku bayizolo, wakuthethisa.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 31:42
22 Referans Kwoze  

Ngiyakujabula, ngethabe ngomusa wakho, ngokuba ukubonile usizi lwami; Uwazi umphefumulo wami ekuhluphekeni;


Kusemandleni esandla sami ukukulimaza; kodwa uNkulunkulu kayihlo ukhulume kimi izolo ebusuku, wathi: Ziqaphele, ungakhulumi okuhle kumbe okubi kuJakobe.


UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu kayise wabo, makahlulele phakathi kwethu. UJakobe wafunga ngokwesaba kukayise u-Isaka.


ULeya wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uRubeni; ngokuba wathi: “Impela uJehova ukubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.


Mngcweliseni uJehova Sebawoti; futhi makabe ukumesaba, futhi makabe ukumesaba.


UNkulunkulu wayesefika kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Ziqaphele ukuba ungakhulumi okuhle noma okubi kuJakobe.”


Kepha uMikayeli, ingelosi enkulu, lapho ebambene noSathane bephikisana ngesidumbu sikaMose, akabanga nasibindi sokumbeka icala lokuthuka, kodwa wathi: “INkosi mayikukhuze.


UDavide waphuma ukubahlangabeza, waphendula, wathi kubo: “Uma niza kimi ngokuthula ukungisiza, inhliziyo yami iyonamathela kini; kepha uma niza ukungikhaphela ezitheni zami, njengokuba kungekho bubi esandleni sami, uNkulunkulu wawobaba uyakubheka, akusole.


UJehova wathi: “Ngikubonile nokukubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe, nokukhala kwabo ngezinceku zabo ngikuzwile; ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;


Yasisithi: Phakamisa amehlo akho, ubone, zonke izinqama ezikhwela umhlambi zimthende, ezilamabala, nezingamaqamu, ngokuba ngikubonile konke uLabani akwenzayo kuwe.


Wathi kubo: “Ngiyabubona ubuso bukayihlo ukuthi kabunjengakuqala kimi; kepha uNkulunkulu kababa wayenami.


U-Isaka wayesethuthumela kakhulu, wathi: “Ngubani na?” uphi owabamba inyamazane, wayiletha kimi, ngadla kukho konke ungakafiki, ngambusisa na? yebo, futhi uyobusiswa.


Wasebiza ibizo leN kosi eyayikhuluma laye wathi: UNkulunkulu wakho uyangibona, ngoba wathi: Kambe ngimbonile yini lapha ongibonayo?


Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Bheka, ukhulelwe, futhi uzozala indodana, uyiqambe ngokuthi u-Ishmayeli; ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho.


UJehova wehla ukuze abone umuzi nombhoshongo abantwana babantu ababewakhile.


Wayesethi uJakobe: “O Nkulunkulu kababa u-Abrahama noNkulunkulu kababa u-Isaka, uJehova owathi kimi: ‘Buyela ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, futhi ngizokwenza okuhle kuwe.


Masisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare owangiphendula osukwini lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engahamba ngayo.


U-Israyeli wasuka nakho konke anakho, wafika eBeri Sheba, wanikela imihlatshelo kuNkulunkulu kayise u-Isaka.


Ngiyakubonga, ngiyakudumisa, Nkulunkulu wawobaba, owangipha ukuhlakanipha namandla, wangazisa lokho ebesikucela kuwe, ngokuba ususazisile manje indaba yenkosi.


Uma ummukisa kuwe ekhululekile, akumelwe umyeke ahambe elambatha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite