Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 31:36 - Contemporary Zulu Bible 2024

36 UJakobe wathukuthela, wamhlupha uLabani; uJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Siyini isiphambeko sami na?” isono sami siyini ukuba ungizingele kangaka na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 UJakobe wathukuthela, wamsola uLabani; uJakobe waphendula, wathi kuLabani: “Yisiphi isiphambeko sami na? Yisiphi isono sami, lokhu ungizingele kangaka, na?

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

36 UJakobe wathukuthela wamthethisa uLabani, wathi: “Liyini icala lami na? Siyini isono sami uze ungihubhe ngale ndlela na?

Gade chapit la Kopi




UGenesise 31:36
14 Referans Kwoze  

Thukuthelani, ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


Wabaqalaza ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo, wathi kumuntu: Yelula isandla sakho. Waseselula; saphiliswa isandla sakhe saba njengesinye.


Ababi bayabaleka bengaxoshwa muntu, kepha abalungileyo banesibindi njengengonyama.


Umuntu kaNkulunkulu wamthukuthelela, wathi: “Ngabe ushaye kahlanu noma kasithupha; wanqoba ama-Aramu waze wawaqeda; kodwa manje uzowahlula ama-Aramu kathathu kuphela.


Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Bheka, bengithi uyakuphumela nokuphuma eze kimi, ame, abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, ashaye isandla sakhe phezu kwaleyo ndawo naphezu konochoko.”


UMose wathukuthela kakhulu, wathi kuJehova: “Ungawunaki umhlatshelo wabo;


Intukuthelo yabo mayiqalekiswe, ngokuba ilukhuni; nolaka lwabo, ngokuba lunonya; ngiyakubahlukanisa kwaJakobe, ngibahlakaze kwa-Israyeli.


Amadodana kaJakobe afika evela endle ekuzwa lokho, amadoda adabuka, athukuthela kakhulu, ngokuba wenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe; okuyinto okungafanele yenziwe.


Intukuthelo kaJakobe yamvuthela uRaheli, wathi: “Ngisesikhundleni sikaNkulunkulu owagodla isithelo sesisu sikanyoko na?”


Wathi kuyise: “Mayingathukutheli inkosi yami ukuthi ngingenakusukuma phambi kwakho; ngoba umkhuba wabesifazane uphezu kwami. Wacinga, kepha akazitholanga izithombe.


Lapho usuhlolisisile zonke izinto zami, utholeni kuzo zonke izimpahla zendlu yakho? yibeke lapha phambi kwabafowethu nabafowenu, ukuze bahlulele phakathi kwethu sobabili.


Abantu baphikisana noMose, bakhuluma bathi: “Sengathi nga safa lapho abafowethu bafa phambi kukaJehova!


UJonathani wamphendula uSawule uyise, wathi kuye: “Uyakubulawelwani na? wenzeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite