Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 31:24 - Contemporary Zulu Bible 2024

24 UNkulunkulu wayesefika kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Ziqaphele ukuba ungakhulumi okuhle noma okubi kuJakobe.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UNkulunkulu weza kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Qaphela ukuba ungakhulumi kuJakobe okuhle noma okubi.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

24 Kepha uNkulunkulu wayesefikile ngephupho ebusuku kuLabani, umAramu, wathi kuye: “Uqaphele ukuba ungasho lutho kuJakobe noma ngabe kuhle noma kubi.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 31:24
28 Referans Kwoze  

Base bephendula oLabani noBetuweli, bathi: “Indaba ivela kuJehova; asinakukhuluma okubi noma okuhle kuwe.


Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, ungofileyo ngenxa yowesifazane omthathileyo; ngoba ungumfazi womuntu.


Kusemandleni esandla sami ukukulimaza; kodwa uNkulunkulu kayihlo ukhulume kimi izolo ebusuku, wathi: Ziqaphele, ungakhulumi okuhle kumbe okubi kuJakobe.


Uma uBalaki ebethanda ukunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakweqa umyalo kaJehova ukuba ngenze okuhle noma okubi engqondweni yami; kepha lokho uJehova akushoyo, ngiyakukhuluma khona na?


Uma uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, nokwesaba kuka-Isaka, wayengenami, ngabe ungimukise ngize. UNkulunkulu ulubonile usizi lwami nomsebenzi wezandla zami futhi wakusola izolo ebusuku.


Esehlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba nalowo muntu olungileyo, ngokuba ngihlupheke kakhulu namuhla ngaye ephusheni.


U-Abisalomu akakhulumanga okuhle nokubi ku-Amnoni umfowabo, ngokuba u-Abisalomu wamzonda u-Amnoni, lokhu ephoqile udadewabo uTamari.


Esacabanga ngalezi zinto, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuye ngephupho, ithi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukumthatha uMariya umkakho, ngokuba lokho akukhulelweyo kungokwasezulwini uMoya oNgcwele.


UJakobe wabalekela ezweni lase-Aramu, u-Israyeli wakhonza owesifazane, walusa izimvu ngenxa yowesifazane.


Ngokuba intukuthelo yakho ikhuphukele kimi, nokuxokozela kwakho ezindlebeni zami, ngiyakufaka ingwegwe yami ekhaleni lakho netomu lami ezindebeni zakho, ngikubuyisele endleleni oweza ngayo.


Inyama yakhe iyakuba ntsha kuneyomntwana; uyobuyela ezinsukwini zobusha bakhe;


EGibeyoni, uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho ebusuku, futhi uNkulunkulu wathi: “Cela into engizokunika yona.”


Uzakhuluma uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: Ubaba wayengumAramu owayezabhubha, wehlela eGibhithe, wahlala khona njengowezizwe labayingcosana; njalo lapho induna enkulu yaba ngumuntu olamandla njalo elabantu abanengi isizwe.


Ingelosi kaJehova yahamba yema endaweni ewumngcingo, lapho kwakungekho ndlela yokuphendukela ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


UNkulunkulu wafika kuBileyamu ebusuku, wathi kuye: “Uma la madoda efika ukukubiza, sukuma uhambe nawo; kodwa nokho izwi engizolikhuluma kini nize nilenze.


Futhi wathi: Yizwani amazwi ami: Uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina, iNkosi, ngizozazisa kuye ngombono futhi ngikhulume kuye ngephupho.


Kwathi ekupheleni kweminyaka emibili egcweleyo uFaro waphupha, khangela-ke, emi emfuleni;


Baphupha iphupho bobabili, yilowo nalowo iphupho lakhe ngabusuku bunye, kwaba yilowo nalowo njengokuchazwa kwephupho lakhe, umphathizitsha nomphekizinkwa wenkosi yaseGibithe, owayeboshiwe etilongweni.


Ngesikhathi umhlambi ukhulelwa, ngaphakamisa amehlo ami, ngabona ephusheni, bheka, izinqama ezikhwela umhlambi zazimthende, nezimanakanaka, nezimaqamu.


U-Isaka wayesemukisa uJakobe, waya ePhadani Aramu kuLabani indodana kaBetuweli umAramu, umfowabo kaRebeka, unina kaJakobe no-Esawu.


Kwathi sezixwayisiwe nguNkulunkulu ephutsheni ukuthi zingabuyeli kuHerodi, zasuka zabuyela elizweni lakibo ngenye indlela.


UNkulunkulu wathi kuye ngephupho: Yebo, ngiyazi ukuthi ukwenzile lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; ngokuba nami nganivimbela ukuba ningoni kimi; ngalokho ngakuvumela ukuba ungamthinti.


Uyihlo wangikhohlisa, waguqula inkokhelo yami kayishumi; kodwa uNkulunkulu kamvumelanga ukuthi angilimaze.


Ingelosi kaNkulunkulu yasikhuluma kimi ngephupho, yathi: “Jakobe; ngathi: Nangu mina.”


Wathatha abafowabo, bamxosha ibanga lezinsuku eziyisikhombisa; bamfica ezintabeni zakwaGileyadi.


ULabani wamfica uJakobe. UJakobe wamisa itende lakhe entabeni, uLabani nabafowabo bamisa entabeni yaseGileyadi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite