Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 31:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 Wabaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, wabhekisa ubuso bakhe ezintabeni zakwaGileyadi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Wayesebaleka nakho konke anakho; wasuka, wawela umfula, waqonda ngasentabeni yakwaGileyadi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 Wabaleka nakho konke ayenakho, waqala wawela umfula, walibangisa kwelezintaba kwaGileyadi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 31:21
18 Referans Kwoze  

UHazayeli inkosi yase-Aramu wenyuka walwa neGati, walithatha; uHasayeli wabhekisa ubuso bakhe ukukhuphukela eJerusalema.


Bazabuza indlela eya eZiyoni, ubuso babo bukhangele kulo, bathi: Wozani sihlangane loJehova esivumelwaneni esingapheliyo esingayikukhohlakala.


U-Eliya waseThishibi, owabakhileyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli engimi phambi kwakhe, kule minyaka akuyikuba khona mazolo noma imvula, ngaphandle kwezwi lami.


Abantu nezikhulu zakwaGileyadi bathi omunye komunye: “Ngumuphi lowo ozoqala ukulwa nabantwana bakwa-Amoni na? uyakuba yinhloko phezu kwabo bonke abakhileyo kwaGileyadi.


Leli zwe esalidla ngaleso sikhathi, kusukela e-Aroweri engasemfuleni i-Arinoni, nengxenye yezintaba zakwaGileyadi nemizi yalo ngalinika abakwaRubeni nabakwaGadi.


Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenezinkomo eziningi kakhulu; lapho bebona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi, indawo leyo yayiyindawo yezinkomo;


UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akahambanga ukuyofuna imilingo njengakuqala, kepha wabhekisa ubuso bakhe ehlane.


Wathuma uJuda phambi kwakhe kuJosefa ukuba abhekise ubuso bakhe ngaseGosheni; bafika ezweni laseGosheni.


Bahlala phansi ukuba badle isinkwa, baphakamisa amehlo abo, babheka, bheka, kwafika isixuku sabakwa-Ishmayeli bevela kwaGileyadi namakamela alo ethwele izinongo, nebhalisamu, nomure, behlela ukukwehlisela eGibithe.


Wathatha abafowabo, bamxosha ibanga lezinsuku eziyisikhombisa; bamfica ezintabeni zakwaGileyadi.


Ngalolo suku uJehova wenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Inzalo yakho ngiyinike leli zwe, kusukela emfuleni waseGibhithe kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.


Igama lomfula wesithathu yiHidekeli; elihamba ngasempumalanga kwase-Asiriya. Umfula wesine ungu-Ewufrathe.


UJakobe wamfihla uLabani umAramu engazi, ngokungamtshelanga ukuthi uyabaleka.


Kwathi ngosuku lwesithathu uLabani watshelwa ukuthi uJakobe ubalekile.


Bafika kwaGileyadi nasezweni laseThatimihodi; bafika eDanjan, bazungeza ngaseSidoni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite