Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 30:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu unginikile ilobolo elihle; manje umyeni wami useyakuhlala nami, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha; waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Wayesethi uLeya: “UNkulunkulu ungiphe isipho esihle; manje umyeni wami useyakuhlala kimi, ngokuba ngimzalele amadodana ayisithupha,” waqamba igama layo ngokuthi uZebuloni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 ULeya wathi: “UNkulunkulu ungiphe isipho esiyigugu. Umyeni wami usezongazisa manje ngoba sengimzalele amadodana ayisithupha.” Ngakho-ke wayiqamba igama wathi nguZebuloni.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 30:20
15 Referans Kwoze  

Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elisogwini lolwandle, emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali;


UZebuloni uyakuhlala ngasechwebeni lolwandle; futhi uyakuba yichweba lemikhumbi; futhi umkhawulo wakhe uyofinyelela eSidoni.


Amadodana kaLeya: uRubeni izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni;


Kukhona uBenjamini omncane kanye nabaholi babo, izikhulu zakwaJuda nomkhandlu wabo, izikhulu zakwaZebuloni nezikhulu zakwaNafetali.


Kwa-Efrayimi kwakukhona impande yabo kuma-Amaleki; emva kwakho, Bhenjamini, phakathi kwabantu bakho; kwaMagiri kwaphuma ababusi, nabakwaZebuloni abaphatha usiba lombhali.


UBharaki wabiza oZebuloni noNafetali eKedeshi; wakhuphuka namadoda ayizinkulungwane eziyishumi ezinyaweni zakhe, noDebora wakhuphuka naye.


Amadodana kaZebuloni ngu uSeredi no-Eloni noJaleli.


Wathi kuye: “Kuncane yini ukuthi uthathile umyeni wami na?” futhi uyafuna futhi ukuphuca ama-apula othando endodaneni yami? URaheli wayesethi: “Ngalokho uzolala nawe namuhla ebusuku ngenxa yama-apula othando endodana yakho.


Wabuye wakhulelwa, wazala indodana; wathi: “Manje umyeni wami usezakungilandela manje, ngokuba ngimzalele amadodana amathathu.” ngalokho igama lakhe lathiwa uLevi.


ULeya wabuye wakhulelwa, wazalela uJakobe indodana yesithupha.


Ngasemuva wazala indodakazi, wayiqamba ngokuthi uDina.


Ungalokothi ungicele ilobolo nesipho esingaka, futhi ngizokunika njengokusho kwakho kimi; kodwa nginike intombi ibe ngumkami.


Uma uyise enqaba nokumnika yona, kumelwe akhokhe imali njengelobolo lezintombi.


USawule wathi: “Niyakusho kanje kuDavide, nithi: ‘Inkosi ayifuni ilobolo, kepha amajwabu ayikhulu amaFilisti ukuba aphindisele ezitheni zenkosi. Kodwa uSawule wacabanga ukumyeka uDavide awe ngesandla samaFilisti.


Bayakuma entabeni yase-Ebali ukuba baqalekise; uRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite