Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 3:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini ngokuphola kwelanga; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ntambama selipholile, indoda nomkayo bezwa izigi zikaSimakade uNkulunkulu ezihambela ensimini, base becasha phakathi kwemithi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 3:8
20 Referans Kwoze  

Ukhona yini ongamfihla ezindaweni zokucasha ukuze ngingamboni? kusho uJehova. Angigcwalise izulu nomhlaba na? kusho uJehova.


Amehlo kaJehova asezindaweni zonke futhi abona ababi nabahle.


Asikho isidalwa esingabonakali phambi kwakhe, kepha zonke izinto zíze, zivuliwe emehlweni alowo esizinda kuye.


ababonakalisa umsebenzi womthetho olotshiwe ezinhliziyweni zabo, unembeza wabo ufakaza futhi, nemicabango yabo isolana noma ithethelelana;


U-Adamu wathi: “Ngizwe izwi lakho ensimini, ngesaba, ngokuba nginqunu; ngase ngicasha.


Kepha uJona wasuka ukuba abalekele eTharishishi ebusweni bukaJehova, wehlela eJopha; wathola umkhumbi owawuya eTharishishi, wakhokha imali yokugibela, wangena kuwo, ukuze ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.


Uma bengisibekele iziphambeko zami njengo-Adamu, ngifihle ububi bami esifubeni sami;


UJehova wayesemphendula uJobe esesivunguzaneni, wathi:


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu lakho ukuba akusindise, akhulule izitha zakho phambi kwakho; ngalokho umbhede wakho uyakuba ngcwele, ukuze angaboni lutho olungcolile kuwe, aphambuke kuwe.


Kungani kufanele sife manje? ngoba lomlilo omkhulu uzasiqeda; uma sisalizwa izwi likaJehova uNkulunkulu wethu, siyakufa.


Bake balizwa yini izwi likaNkulunkulu likhuluma liphakathi komlilo, njengalokho nina nizwile, baphile, na?


Amafu awugqinsi ayisibekele angaboni; futhi uhamba emjikelezweni wezulu.


Amakhosi omhlaba, nezikhulu, nezinduna, nezicebi, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo, bacasha emihumeni nasemadwaleni ezintaba;


INkosi yasihamba indlela yayo, isiqedile ukukhuluma loAbrahama; uAbrahama wasebuyela endaweni yakhe.


Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe nguNkulunkulu kini, nibe ngabantu kimi.


Izintaba zase-Aveni, isono sika-Israyeli, ziyakuchithwa; ameva nekhakhasi kuyakumila phezu kwama-altare abo; bayakuthi ezintabeni: Sisibekeleni; nakumagquma: Welani phezu kwethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite