Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 3:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 Owesifazane ebona ukuthi umuthi wawulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nomuthi onxanelekayo ukuhlakaniphisa, wathatha isithelo sawo, wadla, wanika indoda yakhe; wadla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha izithelo zawo, wadla, wanika nendoda yakhe kanye naye, nayo yadla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 Owesifazane ebona ukuthi umuthi muhle, ufanele ukudliwa, nokuthi uyaheha emehlweni, uyanxaneleka ekuhlakaniphiseni, wakha izithelo zawo wadla, wanika nomyeni wakhe owayenaye lapho, naye wadla.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 3:6
19 Referans Kwoze  

Ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzigabisa ngalokhukuphila, akuveli kuYise, kodwa kuvela ezweni.


Futhi u-Adamu akakhohliswanga, kodwa owesifazane ekhohlisiwe waba esonweni.


Kwathi sekuhlwile, uDavide wavuka embhedeni wakhe, wahamba phezu kophahla lwendlu yenkosi; ephezu kophahla wabona owesifazane emgeza; owesifazane wayemuhle kakhulu ebukeka.


Lapho ngabona empangweni ingubo enhle yaseBhabhiloni namashekeli angamakhulu amabili esiliva nesiphetho segolide esinesisindo esingamashekeli angamashumi amahlanu, ngakufisa, ngathatha; bheka, kuthukusiwe emhlabathini phakathi kwetende lami, nesiliva liphansi kwakho.


Kepha basephula isivumelwano njengabantu; lapho bangikhohlisile.


Amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle; bazithathela abafazi kubo bonke ababakhethayo.


“Wena ndodana yomuntu, akuyikuba mhla ngisusa kubo amandla abo, intokozo yenkazimulo yabo, isifiso samehlo abo, nalokho ababeka izinhliziyo zabo kukho, amadodana abo namadodakazi abo,


Ndodana yomuntu, bheka, ngisusa isifiso samehlo akho ngokushaya; kodwa akumelwe nilile futhi nikhale, nezinyembezi zenu ngeke zigeleze.


Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe.


Tshono kuyo indlu kaIsrayeli uthi: Itsho njalo iNkosi uJehova; “Bheka, ngiyayingcolisa indlu yami engcwele, ubuhle bamandla akho, isifiso samehlo akho nalokho umphefumulo wakho okuhawukelayo; amadodana enu namadodakazi enu aseleyo kini ayakuwa ngenkemba.


Emva kwalokho umkankosi yakhe wabheka uJosefa; wathi: Lala lami.


Wathi ku-Adamu: “Ngokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kuwo umuthi engakuyala ngawo, ngathi: Ungadli kuwo; uqalekisiwe umhlaba; uyakudla kuwo ngosizi zonke izinsuku zokuhamba kwakho;


Wayesethi umuntu: “Owesifazane onginike yena ukuba abe nami, nguyena owangipha emthini, ngadla;


Ngenza isivumelwano namehlo ami; pho kungani kufanele ngicabange incekukazi?


Wakhala inyembezi phambi kwakhe izinsuku eziyisikhombisa, kusedilini labo; ngosuku lwesikhombisa wamtshela, ngokuba wayemlimazile; wayitshela abantwana babantu bakubo imfihlakalo.


Wabuya naye, wadla isinkwa, waphuza namanzi endlini yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite