Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 29:35 - Contemporary Zulu Bible 2024

35 Wabuye wakhulelwa, wazala indodana, wathi: “Manje sengizomdumisa uJehova; ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uJuda; futhi akaphindanga wazala.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

35 Wakhulelwa futhi, wazala indodana, wathi: “Sengiyakumdumisa uJehova,” ngalokho waqamba igama layo ngokuthi uJuda; wayesekhawula ukuzala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

35 Wakhulelwa futhi wathola indodana, wathi: “Manje ngizodumisa uSimakade,” wayiqamba igama wathi nguJuda, wayesema ukuthola abantwana.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 29:35
13 Referans Kwoze  

U-Abrahama wazala u-Isaka; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala uJuda nabafowabo;


Ngokuba uJuda waba namandla phezu kwabafowabo, kwaphuma kuye umbusi; kodwa ubuzibulo babungobukaJosefa.


Lesi kwakuyisibusiso sikaJuda, wathi: “Yizwa, Jehova, izwi likaJuda, umlethe kubantu bakhe; izandla zakhe mazimnele; futhi ube usizo kuye ezitheni zakhe.


Amadodana kaZilipa, incekukazi kaLeya; ngoGadi no-Asheri; yilawo angamadodana kaJakobe azalelwa wona ePhadani Aramu.


Amadodana kaJuda; u-Eri, no-Onani, noShela, noPerezi, noSeraki; kepha o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. Amadodana kaPheresi: ngoHezironi noHamuli.


Kubantwana bakwaJuda ngemindeni yabo ngezizukulwane zabo ngezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma;


Lawa amagama amadoda: Esizweni sakwaJuda, uKalebi indodana kaJefune.


ULeya esebonile ukuthi usebelethile, wathatha uZilipa incekukazi yakhe, wamnika uJakobe abe ngumkakhe.


Eceleni komkhawulo kaRubeni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uJuda, libe linye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite