Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 29:32 - Contemporary Zulu Bible 2024

32 ULeya wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uRubeni; ngokuba wathi: “Impela uJehova ukubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 ULeya wakhulelwa, wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uRubeni, ngokuba wathi: “UJehova ubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 ULeya wakhulelwa, wazibula ngendodana, wayiqamba igama wathi nguRubeni, ngokuba wathi: “Kungoba uSimakade ulubonile usizi lwami. Impela umyeni wami usezongithanda manje.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 29:32
24 Referans Kwoze  

Kwathi lapho simbiza uJehova uNkulunkulu wawobaba, uJehova walizwa izwi lethu, wakubona ukuhlupheka kwethu, nomshikashika wethu, nokuhlupheka kwethu.


Abantu bakholwa, sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ulubonile usizi lwabo, bakhothama, bakhuleka.


UJehova wathi: “Ngikubonile nokukubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe, nokukhala kwabo ngezinceku zabo ngikuzwile; ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;


Yenze njalo kimi uJehova ezinsukwini eyangibheka ngazo ukususa ihlazo lami phakathi kwabantu.


Kodwa walubona usizi lwabo lapho ezwa ukukhala kwabo.


Bheka usizi nobuhlungu bami; futhi uthethelele zonke izono zami.


Mhlawumbe uJehova uyakubheka usizi lwami, uJehova angibuyisele kahle namuhla ngesiqalekiso sakhe.


Kwathi lapho sesifikile isikhathi uHana akhulelwa ngaso, wazala indodana, wayiqamba ngokuthi uSamuweli, wathi: “Ngokuba ngamcela kuJehova.”


Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, uma ukhumbula ukuhlupheka kwencekukazi yakho nami, futhi ungayikhohlwa incekukazi yakho, kepha unike incekukazi yakho indodana, ngiyakumnika uJehova izinsuku zonke zezwe. Ukuphila kwakhe, nempuco ayiyikuwela ekhanda lakhe.


Omunye wabo wavula isikhwama sakhe ukuba aphe imbongolo yakhe endlini yezihambi, wabheka imali yakhe; ngoba bheka, lalisemlonyeni wesikhwama sakhe.


URubeni wabaphendula wathi: “Angikhulumanga kini ngathi: Ningoni kumntwana; kanti ubungafuni ukuzwa? ngakho-ke, bheka, igazi lakhe liyabizwa.


Uma uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, nokwesaba kuka-Isaka, wayengenami, ngabe ungimukise ngize. UNkulunkulu ulubonile usizi lwami nomsebenzi wezandla zami futhi wakusola izolo ebusuku.


Oonyana bakaRubeni izibulo lika-Israyeli, ngokuba wayelizibulo; kepha ngenxa yokuthi wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa indodana ka-Israyeli; ubuzibulo.


Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Bheka, ukhulelwe, futhi uzozala indodana, uyiqambe ngokuthi u-Ishmayeli; ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho.


URubeni wabuyela emgodini; bheka, uJosefa wayengekho emthonjeni; waklebhula izingubo zakhe.


U-Israyeli esehlezi kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wezwa. Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili;


UJehova ebona ukuthi uLeya uzondwa, wavula isizalo sakhe, kepha uRaheli wayeyinyumba.


Lawa angamagama amadoda ayakuma nani: esizweni sakwaRubeni; u-Elisuri indodana kaSedewuri.


Amadodana kaLeya: uRubeni izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni;


Bayakuma entabeni yase-Ebali ukuba baqalekise; uRubeni, noGadi, no-Asheri, noZebuloni, noDani, noNafetali.


Ngasemdeni ka-Efrayimi, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uRubeni, libe linye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite