Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 29:31 - Contemporary Zulu Bible 2024

31 UJehova ebona ukuthi uLeya uzondwa, wavula isizalo sakhe, kepha uRaheli wayeyinyumba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 UJehova ebona ukuthi uLeya uyazondwa, wavula isizalo sakhe; kepha uRaheli wayeyinyumba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 Lapho uSimakade ebona ukuthi uLeya uyisaliwakazi, wamvula isibeletho sakhe, kodwa wasivala esikaRaheli.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 29:31
26 Referans Kwoze  

Othanda uyise noma unina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.


UJehova wamhambela uHana, wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova.


Bheka, abantwana bayifa likaJehova, nesithelo sesisu sikanina singumvuzo wakhe.


Kodwa uHana wamnika isabelo esihle; ngokuba wayemthanda uHana, kepha uJehova wasivala isizalo sakhe.


Uma indoda inabafazi ababili, omunye ethandwa, omunye ezondwa, bayizalele abantwana, othandekayo nozondwayo; uma izibulo kuyileyo ezondwayo.


Ngokuba uJehova wazivalela zonke izizalo zendlu ka-Abimeleki ngenxa kaSara umka-Abrahama.


UJehova wathi: “Ngikubonile nokukubona ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibithe, nokukhala kwabo ngezinceku zabo ngikuzwile; ngokuba ngiyazazi izinsizi zabo;


Naye wangena noRaheli, wathanda uRaheli kunoLeya, wakhonza naye eminye iminyaka eyisikhombisa.


Othanda ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; futhi ozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyokulondela ukuphila okuphakade.


Uma umuntu eza kimi, engazondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe futhi, angebe ngumfundi wami.


Babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba, futhi base bekhulile bobabili.


UNkulunkulu wacabanga ngoRaheli, uNkulunkulu wamuzwa, wavula isizalo sakhe.


U-Esawu wamzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngizambulala umfowethu uJakobe.


U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uRebeka umkakhe wakhulelwa.


Ngamzonda u-Esawu, ngachitha izintaba zakhe nefa lakhe kwaba yizimpungushe zasogwadule.


Akakho ongakhonza amakhosi amabili, ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.


Ngamkhulekela lomntwana; futhi iNkosi yanginika umkhuleko engawucela kuyo.


Kwathi lapho sesifikile isikhathi uHana akhulelwa ngaso, wazala indodana, wayiqamba ngokuthi uSamuweli, wathi: “Ngokuba ngamcela kuJehova.”


USarayi umka-Abrama wayengamzaleli mntwana, wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo lalinguHagari.


Wasemnika isivumelwano sokusoka; ngakho u-Abhrahama wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesificaminwembili; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili.


ULeya wakhulelwa, wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uRubeni; ngokuba wathi: “Impela uJehova ukubonile ukuhlupheka kwami; manje umyeni wami uyakungithanda.


Amadodana kaLeya: uRubeni izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni;


UBhowazi wayesemthatha uRuthe, waba ngumkakhe; lapho engena kuye, uJehova wamkhulelwa, wazala indodana.


Kepha uSarayi wayeyinyumba; wayengenangane.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite