Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 29:30 - Contemporary Zulu Bible 2024

30 Naye wangena noRaheli, wathanda uRaheli kunoLeya, wakhonza naye eminye iminyaka eyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Wangena nakuye uRaheli, wathanda uRaheli kakhulu kunoLeya; wayesesebenza kuye eminye iminyaka eyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

30 UJakobe walala noRaheli, wamthanda kakhulu uRaheli ukwedlula uLeya. Wasebenzela uLabani eminye futhi iminyaka eyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 29:30
17 Referans Kwoze  

Ngibe neminyaka engamashumi amabili endlini yakho; Ngakukhonza iminyaka eyishumi nane ngenxa yamadodakazi akho amabili neminyaka eyisithupha ngenxa yezinkomo zakho; futhi uwuguqule iholo lami izikhathi eziyishumi.


Othanda uyise noma unina kunami kangifanele; nothanda indodana noma indodakazi kunami kangifanele.


Inceku yakho ubaba yathi kithi: ‘Niyazi nina ukuthi umkami wangizalela amadodana amabili.


UJakobe wasebenzela uRaheli iminyaka eyisikhombisa; kwaba yizinsukwana nje emehlweni akhe ngenxa yothando ayenalo ngaye.


UJakobe wathanda uRaheli; wathi: Ngizakukusebenzela iminyaka eyisikhombisa ngoRaheli indodakazi yakho encane.


Othanda ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; futhi ozonda ukuphila kwakhe kuleli zwe uyokulondela ukuphila okuphakade.


UJakobe wabalekela ezweni lase-Aramu, u-Israyeli wakhonza owesifazane, walusa izimvu ngenxa yowesifazane.


Uma indoda inabafazi ababili, omunye ethandwa, omunye ezondwa, bayizalele abantwana, othandekayo nozondwayo; uma izibulo kuyileyo ezondwayo.


Sathi enkosini yami: ‘Sinobaba ixhegu, nomntwana wobungane bakhe omncane; umfowabo wafa, yena wasala yedwa kunina, uyise wamthanda.


Asibalwa njengabafokazi kuye na? ngokuba usithengisile, wadla nemali yethu.


UJehova ebona ukuthi uLeya uzondwa, wavula isizalo sakhe, kepha uRaheli wayeyinyumba.


Uma umuntu eza kimi, engazondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe futhi, angebe ngumfundi wami.


Akakho ongakhonza amakhosi amabili, ngokuba uyakuzonda enye, athande enye; noma ibambelele kwenye, idelele enye. Anikwazi ukukhonza uNkulunkulu noMamona.


ULeya wayenamehlo athambileyo; kepha uRaheli wayemuhle, ebukeka kahle.


ULabani wanika indodakazi yakhe uRaheli incekukazi yakhe uBiliha ukuba abe yincekukazi yakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite