Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 29:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wabheka, kwakukhona umthombo endle, bheka, nanso imihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo; ngoba kulowo mthombo baphuzisa umhlambi, futhi kwakukhona itshe elikhulu emlonyeni womthombo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Wabheka, nanko umthombo endle, nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Esabheka, wabona umthombo endle nemihlambi emithathu yezimvu ilele eduze kwawo, ngokuba yayiphuziswa kulowo mthombo. Itshe elalisemlonyeni wawo lalilikhulu kakhulu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 29:2
12 Referans Kwoze  

Kwakukhona umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wahlala kanjalo ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.


Abayikulamba, noma bome; futhi ukushisa nelanga ngeke kubashaye; ngokuba lowo onomusa kubo uyakubahola, abahole ngasemithonjeni yamanzi.


Ngokuba iWundlu eliphakathi kwesihlalo sobukhosi liyakubalusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila;


Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.


Uyangilalisa emadlelweni aluhlaza; Ungiholela emanzini okuthula.


Bheka, ngimi ngasemthonjeni; amadodakazi abantu bomuzi aphuma ukuyokha amanzi.


Waguqisa amakamela akhe ngaphandle komuzi ngasemthonjeni kusihlwa, isikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokha amanzi.


Inceku yathatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo yahamba; ngoba yonke impahla yenkosi yakhe yayisesandleni sakhe; wasuka, waya eMesopotamiya, emzini kaNahori.


Kwabuthana khona yonke imihlambi, bagingqe itshe lisuke emlonyeni womthombo, baphuzise izimvu, balibuyisele itshe emlonyeni womthombo endaweni yalo.


Labo abakhululwa emsindweni wabacibishelayo ezindaweni zemithombo yamanzi, lapho bayakuzwa izenzo zokulunga zikaJehova, izenzo ezilungileyo kwabakhileyo emadolobheni akhe kwa-Israyeli; khona-ke abantu bakaJehova bayakwehla baye emasangweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite