Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 28:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 Futhi inzalo yakho iyoba njengothuli lomhlaba, futhi uyosakazekela entshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; futhi ziyakubusiswa kuwe nangenzalo yakho zonke izizukulwane zomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi, wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 Izizukulwane zakho ziyoba ngangothuli lomhlaba, uyosabalalela entshonalanga nasempumalanga, enyakatho naseningizimu; izizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngawe nangezizukulwane zakho.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 28:14
26 Referans Kwoze  

Ngiyakubusisa okubusisayo, ngiqalekise okuqalekisayo; futhi ziyobusiswa ngawe zonke izizukulwane zomhlaba.


Ngiyakwenza inzalo yakho yande ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yakho onke lawa mazwe; nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba;


Nina ningamadodana abaprofethi nawesivumelwano uNkulunkulu asenza nokhokho bethu, ethi ku-Abrahama: ‘Nangenzalo yakho imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa.’


Ngenzalo yakho zonke izizwe zomhlaba ziyobusiswa; ngoba ulilalele ilizwi lami.


Bhekani ukuthi u-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu nesinamandla, nezizwe zonke zomhlaba ziyobusiswa ngaye?


Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, ukuze kuthi noma ekhona ongabala uthuli lomhlaba, ibalwe nenzalo yakho.


INkosi yasisithi kuAbrama, emva kokuthi uLothi esehlukene laye: Phakamisa amehlo akho, ukhangele ukulapho okhona, enyakatho laseningizimu, lempumalanga, lentshonalanga.


Manje izithembiso zenziwa ku-Abrahama nasenzalweni yakhe. Akasho ukuthi: Nasezinzalweni, kungathi ngeziningi; kodwa kungathi ngeyodwa: Nasenzalweni yakho enguKristu.


Umbhalo ubona ngaphambili ukuthi uNkulunkulu uzakulungisisa abezizwe ngokukholwa, walitshumayela ngaphambili ivangeli kuAbrahama, lokuthi: Izizwe zonke zizabusiswa ngawe.


Emva kwalokho ngabona, bheka, isixuku esikhulu ebesingenakubalwa muntu, siphuma kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi, simi phambi kwesihlalo sobukhosi naphambi kweWundlu, sembethe izingubo ezimhlophe, namasundu embethe izingubo ezimhlophe izandla zabo;


Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ngezibusiso zonke zomoya ezulwini kuKristu.


Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe embusweni wezulu.


Igama lakhe liyakuma kuze kube phakade; igama lakhe liyohlala kuze kube nini nanini ilanga, futhi abantu bayobusiswa kuye; izizwe zonke ziyakuthi ubusisiwe.


Lapho uJehova uNkulunkulu wakho eyakwandisa umkhawulo wakho njengokukhuluma kwakhe kuwe, uthi: Ngiyakudla inyama, ngokuba umphefumulo wakho unxanela ukudla inyama; inyama ungayidla, konke umphefumulo wakho okufisayo.


Ngubani ongabala uthuli lukaJakobe, nenani lesine lika-Israyeli na? Mangife ukufa kolungileyo, ukugcina kwami kube njengokwakhe!


Wathi wena: Impela ngiyakukwenzela okuhle, ngenze inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle esingenakubalwa ngenxa yobuningi.


Ngasengisizwa isibalo sababekwa uphawu, kwaphawulwa abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane ezizweni zonke zabantwana bakwa-Israyeli.


Ngoba lonke ilizwe olibonayo ngizalinika wena lenzalo yakho kuze kube nininini.


Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;


Ingelosi eyangikhulula ebubini bonke ibusisa abafana; igama lami malibizwe phezu kwabo negama lawobaba o-Abrahama no-Isaka; futhi mabakhule babe yisixuku phakathi komhlaba.


Uyise wala wathi: “Ngiyazi, ndodana yami, ngiyazi lokhu; kodwa ngempela, umfowabo omncane uyakuba mkhulu kunaye, nenzalo yakhe iyoba uquqaba lwezizwe.


Futhi akukho lutho oluqalekisiweyo oluyonamathela esandleni sakho, ukuze uJehova aphenduke ekuvutheni kwentukuthelo yakhe, abe nomusa kini, abe nomusa kini, akwandise, njengalokho athembisa oyihlo ngesifungo;


Manje, Jehova Nkulunkulu, mawugcwaliseke isithembiso owasenza kubaba uDavide, ngoba ungenze inkosi phezu kwesizwe esingangothuli lomhlabathi ngobuningi.


Ngokuba niyakuphumela ngakwesokunene nangakwesokhohlo; inzalo yakho iyodla ifa lezizwe, ihlale emizini eyincithakalo.


Cabanga ngezinceku zakho o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, owazifunga kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngininike lonke leli zwe engakhuluma ngalo inzalo. Bayakulidla ifa kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite