Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 28:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bheka, uJehova wema lapho, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu kayihlo u-Abrahama noNkulunkulu ka-Isaka; izwe olele kulo ngiyakulinika wena nenzalo yakho;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bheka, uJehova wayemi ngaphezu kwawo, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu ka-Isaka; leli zwe olele kulo ngizakulinika wena nenzalo yakho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 USimakade wema eduze kwakhe, wathi kuye: “NginguSimakade uNkulunkulu kayihlomkhulu, u-Abhrahama nokayihlo u-Isaka, leli lizwe olele kulo ngiyakulabela wena nezizukulwane zakho.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 28:13
40 Referans Kwoze  

Ngoba lonke ilizwe olibonayo ngizalinika wena lenzalo yakho kuze kube nininini.


UJakobe wasesithi kuJosefa: UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi eLusu elizweni leKhanani, wangibusisa.


Izwe engalinika u-Abrahama no-Isaka ngiyakulinika wena, nenzalo yakho emva kwakho ngiyakulinika izwe.


UJehova wabonakala kuye ngalobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe, ngikubusise, ngandise inzalo yakho ngenxa ka-Abrahama inceku yami.


UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho; wamakhela khona i-altare uJehova owabonakala kuye.


UNkulunkulu wasesithi kuJakobe: Suka uye eBhetheli, uhlale khona, wakhe khona ialithare uNkulunkulu owabonakala kuwe ekubalekeleni umfowenu uEsawu.


Kepha manje bafuna izwe elingcono, okungukuthi elasezulwini; ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.


Futhi wathi: NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe. UMose wafihla ubuso bakhe; ngoba wayesaba ukubuka uNkulunkulu.


Mina nginguNkulunkulu kaAbrahama, loNkulunkulu kaIsaka, loNkulunkulu kaJakobe? UNkulunkulu kasiye uNkulunkulu wabafileyo kodwa owabaphilayo.


Wathi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibithe; ngoba ngizakwenza ube yisizwe esikhulu khona.


Kwasekusithi esobelethweni olunzima, umbelethisi wathi kuye: Ungesabi; nawe uzoba nayo lendodana.


Wayesethi uJakobe: “O Nkulunkulu kababa u-Abrahama noNkulunkulu kababa u-Isaka, uJehova owathi kimi: ‘Buyela ezweni lakini nasezihlotsheni zakho, futhi ngizokwenza okuhle kuwe.


Uma uNkulunkulu kababa, uNkulunkulu ka-Abrahama, nokwesaba kuka-Isaka, wayengenami, ngabe ungimukise ngize. UNkulunkulu ulubonile usizi lwami nomsebenzi wezandla zami futhi wakusola izolo ebusuku.


Nika wena isibusiso sika-Abrahama, wena nenzalo yakho kanye nawe; ukuze udle ifa lezwe ongowezizwe kulo, uNkulunkulu alinika u-Abrahama.


hlala njengowezizwe kuleli zwe, ngiyakuba nawe, ngikubusise; ngokuba ngiyakukunika wena nenzalo yakho onke lawa mazwe, futhi ngigcwalise isifungo engasifunga kuyihlo u-Abrahama;


Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lathi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho, nomvuzo wakho mkhulu kakhulu;


Futhi kamnikanga ilifa kulo, hatshi, ngitsho lendawo yokubeka unyawo lwakhe, kodwa wathembisa ukumnika lona libe ngelakhe, lenzalo yakhe emva kwakhe, engakabi lomntwana.


Wathi: Ngizalinika ilizwe leKhanani, libe yisabelo selifa lenu;


UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu ayekhulume khona naye ngokuthi iBethele.


Suka, udabule izwe ngobude balo nobubanzi balo; ngoba ngizakunika lona.


Ngalolo suku uJehova wenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Inzalo yakho ngiyinike leli zwe, kusukela emfuleni waseGibhithe kuze kufike emfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe.


Wathi kubo: “Ngiyabubona ubuso bukayihlo ukuthi kabunjengakuqala kimi; kepha uNkulunkulu kababa wayenami.


NginguNkulunkulu waseBethele, lapho wagcoba khona itshe lesikhumbuzo, nalapho wenza isithembiso kimi; vuka manje, uphume kuleli zwe, ubuyele ezweni lokuzalwa kwakho.


UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu kayise wabo, makahlulele phakathi kwethu. UJakobe wafunga ngokwesaba kukayise u-Isaka.


UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo, uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


Ukuze bakholwe ukuthi uJehova, uNkulunkulu wawoyise, uNkulunkulu ka-Abrahama, uNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe, ubonakele kuwe.


Futhi ngamisa isivumelwano sami nabo ukubanika izwe laseKhanani, izwe lokugogobala kwabo, ababengabafokazi kulo.


Bhekani, ngiyakwethula izwe kini; ngenani nilidle izwe uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, u-Isaka noJakobe ukulinika bona nenzalo yabo emva kwabo.


Akungenxa yokulunga kwakho noma ngenxa yobuqotho benhliziyo yakho ukuthi uyakudla ifa lezwe labo; kepha ngenxa yobubi balezi zizwe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzixosha phambi kwakho, agcwalise izwi uJehova alifungela oyihlo o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


UJehova wathi kuye: “Nanti izwe engalifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho;’ Ngikwenze wakubona ngamehlo akho, kodwa akumelwe uhambe. Lapho.


Yangibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi odongeni olwenziwe ngentambo yomthofu wokumisa, iphethe intambo yomthofu wokumisa esandleni sayo.


Angifaneleki umusa wakho neqiniso lonke olenze encekwini yakho; ngoba ngadabula leli Jordani ngentonga yami; futhi manje sengingamaqembu amabili.


Ngiyakunithatha nibe yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu; niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu onikhipha phansi kwemithwalo yabaseGibithe.


nangesivumelwano asenza no-Abrahama, nesifungo sakhe ku-Isaka;


wathi: Ngizalinika ilizwe leKhanani, libe yisabelo selifa lenu;


Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho ngibutha indlu yakwa-Israyeli ezizweni abahlakazekele phakathi kwazo, ngingcweliswe kubo emehlweni ezizwe, bahlale ezweni labo engalinika inceku yami. UJakobe unawo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite