Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 26:12 - Contemporary Zulu Bible 2024

12 U-Isaka wahlwanyela kulelo zwe, wazuza ngokuphindwe kayikhulu ngawo lowo mnyaka, uJehova wambusisa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 U-Isaka watshala kulelo zwe, wathola ngawona lowo mnyaka okuphindwe kayikhulu, ngokuba uJehova wambusisa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 U-Isaka watshala imbewu kulelo lizwe, kwathi ngawo lowo nyaka wavuna isivuno esikhulu kakhulu. USimakade wambusisa,

Gade chapit la Kopi




UGenesise 26:12
18 Referans Kwoze  

hlala njengowezizwe kuleli zwe, ngiyakuba nawe, ngikubusise; ngokuba ngiyakukunika wena nenzalo yakho onke lawa mazwe, futhi ngigcwalise isifungo engasifunga kuyihlo u-Abrahama;


Enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, yakhula, yanda; yazala, enye ngamashumi amathathu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ikhulu.


Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, nakusihlwa ungagodli isandla sakho, ngokuba awukwazi ukuthi iyakuphumelela, noma lokhu noma lokhuya, noma ziyakuba zinhle zombili ngokulingana.


Khona umhlaba uyakuthela izithelo zawo; futhi uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu uqobo, uyosibusisa.


UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami; wakhula, wamnika izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.


U-Abhrahama wayesemdala ecindezelwe yibudala; uJehova wambusisa u-Abhrahama kukho konke.


Mina ngatshala, u-Apholo wanisela; kodwa uNkulunkulu wakhulisa.


Ngoba inzalo izaphumelela; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlaba uthele ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo; ngiyakwenza ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.


Ngakho uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe, ngoba wayenezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkomo, nezimbongolo eziyinkulungwane.


Ngokuba incane onayo ngingakafiki, yandile, yaba yisixuku; futhi iNkosi ikubusisile kusukela ekufikeni kwami; manje nami ngiyakuyinakekela nini indlu yami na?


Kepha enye yawela emhlabathini omuhle, yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.


Kuyakuba-khona isamba sikakolweni emhlabeni esiqongweni sezintaba; izithelo zawo ziyakuzamazama njengeLebanoni, nabasemzini bayokhahlela njengotshani bomhlaba.


Kepha ohlanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwayo izwi, aliqonde; ethela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.


ukuze ungasenzeli okubi, ngoba kasizange sikuthintile, lanjengoba sikwenzele okuhle kuphela, sikumukisa ngokuthula; manje usubusisiwe weNkosi.


Isibusiso sikaJehova siyacebisa, akenezeli usizi kuso.


Kwathi emva kokufa kuka-Abrahama uNkulunkulu wambusisa u-Isaka indodana yakhe; u-Isaka wahlala ngasemthonjeni waseLahayiroyi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite