Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 25:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 U-Abrahama wayesephuma umphefumlo, wafa esemdala, esemdala, esanelisiwe yizinsuku; wabuthelwa kubantu bakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 U-Abrahama wagqibuka wafa, esemdala egugile, esanelisiwe yizinsuku, wabuthelwa kubantu bakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 U-Abhrahama wafa esemdala kakhulu, egculisekile yiminyaka ayiphilile, wangcwatshwa koyisemkhulu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 25:8
27 Referans Kwoze  

Kwathi uJakobe eseqedile ukuyala amadodana akhe, wabuthela izinyawo zakhe embhedeni, wafa, wabuthelwa kanye labantu bakhe.


Wafa esemdala, esanelisiwe yizinsuku nengcebo nodumo; uSolomoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.


Kumelwe uye koyihlo ngokuthula; uzongcwatshwa usumdala.


UJobe wayesefa, emdala esanelisiwe yizinsuku.


Futhi yile minyaka yokuphila kuka-Ishmayeli, iminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa; wabuthelwa kubantu bakhe.


Ngoba uDavida esekhonze esizukulwaneni sakhe ngentando kaNkulunkulu, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola;


Udumo lwabasha lungamandla abo, nobuhle bamaxhegu yizimpunga.


Uyakufika ethuneni usumdala, njengesikhwebu sikakolweni ngesikhathi saso.


UGideyoni indodana kaJowashi wafa esemdala, wembelwa ethuneni likaJowashi uyise e-Ofira lama-Abiyezeri.


Lezi ziyizinsuku zeminyaka yokuhamba kuka-Abrahama azihambayo, iminyaka eyikhulu namashumi ayisithupha nanhlanu.


Wayesewa phansi masinyane ngasezinyaweni zakhe, waphela; zangena izinsizwa, zamfumana efile, zamkhiphela phandle, zammbela eduze kwendoda yakhe.


Futhi wabayala wathi kubo: Kufanele ngibuthelwe kubantu bami; ngimbeleni kobaba emhumeni osensimini ka-Efroni umHeti;


Kwathi masinyane ingelosi yeNkosi yamshaya, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, waphuma.


U-Ananiya esizwa lawa mazwi wawa phansi, wafa; ukwesaba okukhulu kwehlela bonke abezwa lokho.


Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova; ngikhathele ukuzibamba; ngiyakuthululela phezu kwabantwana bangaphandle naphezu kwenhlangano yezinsizwa kanyekanye;


Sonke leso sizukulwane sabuthelwa koyise, kwavela esinye isizukulwane emva kwaso uJehova ayengasazi nemisebenzi ayeyenzele u-Israyeli.


Uma ubona lokhu, nawe kumelwe ubuthelwe kubantu bakini njengoba u-Aroni umfowenu wabuthwa.


U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakubo, ngokuba akayikungena ezweni engalinika abantwana bakwa-Israyeli, ngokuba nahlubuka ezwini lami emanzini aseMeriba.


Kwathi umphefumulo wakhe usaphuma, ngokuba wafa, waqamba igama layo ngokuthi uBenoni; kepha uyise wayiqamba ngokuthi uBenjamini.


Onke amadodana akhe nawo onke amadodakazi akhe asuka ukumduduza; kepha wala ukududuzwa; wathi: “Ngokuba ngiyakwehlela endaweni yabafileyo ngilila indodana yami.” Ngakho uyise wamkhalela.


Ufele entabeni okhuphukela kuyo, ubuthelwe kubantu bakini; njengalokhu umfowenu u-Aroni afela eNtabeni yaseHori, wabuthelwa kubantu bakubo.


Amadodana akhe amngenisa ezweni laseKhanani, ammbela emhumeni wensimu yaseMakaphela, u-Abrahama awuthenga kanye nezwe, kube yindawo yethuna lika-Efroni umHeti phambi kweMamre.


UDavide wayesemdala, esanelisiwe yizinsuku, wabeka uSolomoni indodana yakhe inkosi phezu kuka-Israyeli.


Kepha uJehoyada wayesemdala, esanelisiwe yizinsuku ekufeni kwakhe; wayeneminyaka eyikhulu namashumi amathathu ekufeni kwakhe.


Wenza indlela yokukhanya emva kwakhe; umuntu angacabanga ukuthi utwa lumpunga.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite