Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 25:34 - Contemporary Zulu Bible 2024

34 UJakobe wamnika u-Esawu isinkwa nepani likadali; wadla waphuza wasukuma wahamba. Wadelela-ke u-Esawu ubuzibulo bakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 UJakobe wamupha u-Esawu isinkwa nokudla kwembumba; wadla, waphuza, wavuka, wahamba; wadelela kanjalo u-Esawu ubuzibulo bakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

34 UJakobe wayesemupha isinkwa nesilovela samalentili. U-Esawu wadla, waphuza, wahamba. U-Esawu walidela kanjalo ilungelo lobuzibulo bakhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 25:34
15 Referans Kwoze  

Uma ngokwabantu ngalwa nezilo e-Efesu, ngiyakungisizani, uma abafileyo bengavuki na? masidle, siphuze; ngoba kusasa sizakufa.


Bheka, kukhona intokozo nokuthokoza, ohlaba izinkomo, uhlabe izimvu, udle inyama, uphuze iwayini; masidle, siphuze; ngoba kusasa sizokufa.


Bhekani, nina zideleli, nimangale, nibhubhe, ngokuba mina ngenza umsebenzi ezinsukwini zenu, umsebenzi eningayikukholwa, noma umuntu enitshela wona.


Wasesithi kubo: Lizanginikani, njalo ngimnikele kini? Basebesenza isivumelwano laye ngenhlamvu zesiliva ezingamatshumi amathathu.


Kodwa kabananzanga, basuka, omunye waya ensimini yakhe, omunye waya entengweni yakhe.


UJehova wathi kimi: “Yiphonse kumbumbi; Ngase ngithatha izinhlamvu ezingamashumi amathathu zesiliva, ngaziphonsa kumbumbi endlini kaJehova.


Ngase ngincoma ubuhle, ngokuba akukho lutho olungcono kumuntu phansi kwelanga kunokuba adle, aphuze, ajabule; ngoba kuyakuhlala kuye emshikashikeni wakhe izinsuku zokuphila kwakhe uNkulunkulu amnika zona phansi kwelanga.


Yebo, balidelela izwe elihle, abakholwanga yizwi lakhe.


UJakobe wenza inhlanyelo, wafika u-Esawu evela endle, ediniwe.


Wayesethi uJakobe: “Funga kimi namuhla; wafunga kuye, wathengisa ngobuzibulo bakhe kuJakobe.


Kwaba khona indlala ezweni, kuphela indlala yokuqala eyayikhona emihleni ka-Abrahama. U-Isaka waya ku-Abimeleki, inkosi yamaFilisti, eGerari.


Uyise uIsaka wasesithi kuye: Ungubani? Wathi: “Ngiyindodana yakho, izibulo lakho u-Esawu;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite