Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 25:21 - Contemporary Zulu Bible 2024

21 U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uRebeka umkakhe wakhulelwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

21 U-Isaka wamkhulekela kuSimakade uRibheka umkakhe, ngokuba wayengabatholi abantwana, iNkosi yawuzwa umkhuleko wakhe, uRibheka wakhulelwa.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 25:21
24 Referans Kwoze  

Ngakho sazila ukudla, sakhuleka kuNkulunkulu wethu ngalokho, wasincenga.


Kepha ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Zakariya, ngokuba ukukhuleka kwakho kuzwakele; umkakho u-Elisabethe uzakukuzalela indodana, uyiqambe igama lokuthi uJohane.


Khona uyakubiza, uJehova aphendule; kufanele ubize, futhi uyothi: Nangu mina! Uma nisusa phakathi kwenu ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okuyize;


Wakhuleka kuye, wamncenga, wezwa ukunxusa kwakhe, wambuyisela eJerusalema embusweni wakhe. UManase wazi ukuthi uJehova unguNkulunkulu.


Basizwa phezu kwabo, amaHagari anikelwa esandleni sabo nabo bonke ababe nabo; ngoba babethembele kuye.


Ngamkhulekela lomntwana; futhi iNkosi yanginika umkhuleko engawucela kuyo.


Babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba, futhi base bekhulile bobabili.


Usho kanje uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, uMenzi wakhe, uthi: Ngibuzeni ngokuzayo ngamadodana ami, ningiyale ngomsebenzi wezandla zami.


Ukwesaba omubi kuyamehlela, kepha olungileyo uyaphiwa isifiso sakhe.


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye osizini; ngiyakumkhulula, ngimdumise;


Kepha uSarayi wayeyinyumba; wayengenangane.


Uzakwenza okufiswa ngabamesabayo; Futhi uyokuzwa ukukhala kwabo futhi abasindise.


Bheka, abantwana bayifa likaJehova, nesithelo sesisu sikanina singumvuzo wakhe.


Wena ozwa umkhuleko, inyama yonke izakuza kuwe.


Kuyothi bengakangibizi, ngiphendule; kuthi besakhuluma, ngizwe.


Futhi ungibize ngosuku lwenhlupheko: ngizakusindisa, njalo uzangidumisa.


Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, uma ukhumbula ukuhlupheka kwencekukazi yakho nami, futhi ungayikhohlwa incekukazi yakho, kepha unike incekukazi yakho indodana, ngiyakumnika uJehova izinsuku zonke zezwe. Ukuphila kwakhe, nempuco ayiyikuwela ekhanda lakhe.


Yayinabafazi ababili; igama lomunye lalinguHana, igama lomunye lalinguPhenina; uPhenina wayenabantwana, kepha uHana wayengenamntwana.


USarayi wathi ku-Abrama: “Bheka, uJehova ungivalile ukuba ngizale; Ngena encekukazini yami; mhlawumbe ngingathola abantwana naye. U-Abrama walilalela izwi likaSarayi.


U-Eli waphendula wathi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu ka-Israyeli uyakukunika ukunxusa kwakho okucelile kuye.”


UNkulunkulu wacabanga ngoRaheli, uNkulunkulu wamuzwa, wavula isizalo sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite