Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 25:20 - Contemporary Zulu Bible 2024

20 U-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 u-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli, umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 U-Isaka wayeseneminyaka engama-40 ngesikhathi eganwa nguRibheka indodakazi kaBhethuweli umAramu wasePhadani Aramu; wayengudadewabo kaLabani umAramu.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 25:20
18 Referans Kwoze  

URebeka wayenomnewabo ogama lakhe lalinguLabani; uLabani wagijima waya endodeni emthonjeni.


U-Isaka wamngenisa etendeni likanina uSara, waqamba igama lakhe ngokuthi uRebheka, waba ngumkakhe; wamthanda, u-Isaka waduduzeka emva kokufa kukanina.


UBhetuweli wazala uRebeka; laba abayisishiyagalombili uMilka wazala uNahori umfowabo ka-Abrahama.


Uzakhuluma uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: Ubaba wayengumAramu owayezabhubha, wehlela eGibhithe, wahlala khona njengowezizwe labayingcosana; njalo lapho induna enkulu yaba ngumuntu olamandla njalo elabantu abanengi isizwe.


UNkulunkulu wayesefika kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Ziqaphele ukuba ungakhulumi okuhle noma okubi kuJakobe.”


UJakobe wamfihla uLabani umAramu engazi, ngokungamtshelanga ukuthi uyabaleka.


Wathatha zonke imfuyo yakhe nayo yonke impahla yakhe abeyizuzile, imfuyo abeyizuzile ayeyizuzile ePhadani Aramu ukuze aye kuyise u-Isaka ezweni laseKhanani.


Kwakukhona abanochoko abaningi kwa-Israyeli ngesikhathi sika-Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNahamani umAramu.


UNkulunkulu waphinda wabonakala kuJakobe ekuphumeni kwakhe ePhadani Aramu, wambusisa.


Engakaqedi ukukhuluma, kwaphuma uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka umkaNahori umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe lakhe.


Ngasemuva kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sabamba isithende sika-Esawu; igama lakhe lalinguJakobe, u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.


Suka uye ePhadani Aramu endlini kaBhetuweli uyise kanyoko; uzithathele khona umfazi emadodakazini kaLabani unyokolume.


nokuthi uJakobe walalela uyise nonina, waya ePhadani Aramu;


UJakobe wafika eSalema, umuzi wakwaShekemi, osezweni laseKhanani, ekuphumeni kwakhe ePhadani Aramu; wamisa itende lakhe phambi komuzi.


Amadodana kaZilipa, incekukazi kaLeya; ngoGadi no-Asheri; yilawo angamadodana kaJakobe azalelwa wona ePhadani Aramu.


Lawa angamadodana kaLeya awazalela uJakobe ePhadani Aramu kanye nendodakazi yakhe uDina; yonke imiphefumulo yamadodana akhe namadodakazi akhe yayingamashumi amathathu nantathu.


Manje, ndodana yami, lalela izwi lami; futhi wasukuma, wabalekela kuLabani umfowethu eHarana;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite