Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 24:26 - Contemporary Zulu Bible 2024

26 Indoda yagebisa ikhanda, yakhuleka eNkosini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Indoda yayisikhothama, yakhuleka kuJehova,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

26 Indoda yakhothama yamdumisa uSimakade uNkulunkulu,

Gade chapit la Kopi




UGenesise 24:26
19 Referans Kwoze  

Ngakhothamisa ikhanda lami, ngakhuleka kuJehova, ngamdumisa uJehova, uNkulunkulu wenkosi yami u-Abrahama, ongihole endleleni eqondileyo ukuba ngithathele indodana yayo indodakazi yomfowabo wenkosi yami.


Abantu bakholwa, sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ulubonile usizi lwabo, bakhothama, bakhuleka.


Kwathi inceku ka-Abrahama isizwile amazwi abo, yakhuleka kuJehova, yakhothamela emhlabathini.


nithi: Lona ungumhlatshelo wephasika likaJehova owadlula ngasezindlini zabantwana bakwa-Israyeli eGibithe lapho enqoba abaseGibithe, esindisa izindlu zethu. Abantu bagebisa amakhanda abo, bakhuleka.


ukuze ebizweni likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba;


Ngiyakuza ngani phambi kukaJehova, ngikhothame phambi kukaNkulunkulu ophakeme? Ngiyakufika phambi kwakhe neminikelo yokushiswa namathole amnyaka munye na?


Wozani sikhuleke, sikhothame; masiguqe phambi kukaJehova uMdali wethu.


Abahlala ogwadule bayakukhuleka kuye; izitha zakhe ziyokhotha uthuli.


Umhlaba wonke uyakukhuleka kuwe, ukuhubele; bayakulihubela igama lakho. Sela.


Bonke abakhulupheleyo emhlabeni bayakudla, bakhuleke; bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe; futhi akekho ongagcina umphefumulo wakhe uphila.


U-Ezra wambonga uJehova, uNkulunkulu omkhulu. Bonke abantu baphendula bathi: Amen, amen, ngokuphakamisa izandla zabo; bakhothamisa amakhanda abo, bakhuleka kuJehova, ubuso babo bubheke phansi.


Ngaphezu kwalokho, inkosi uHezekiya nezikhulu bayala amaLevi ukuba ahlabelelele uJehova ngamazwi kaDavide naka-Asafa umboni. Bahlabelela izingoma zokudumisa ngentokozo, bagebisa amakhanda abo, bakhuleka.


UJehoshafati wakhothamisa ubuso bakhe bubheke phansi; noJuda wonke nabakhileyo eJerusalema bawa phambi kukaJehova, bakhuleka kuJehova.


UDavida wasesithi kulo lonke ibandla: Khathesi dumisani uJehova uNkulunkulu wenu. Ibandla lonke lambonga uJehova uNkulunkulu wawoyise, bakhothama, bakhuleka kuJehova nasenkosini.


UMose washesha wakhothamela phansi ikhanda lakhe, wakhuleka.


U-Abrahama wathi ezinsizweni: “Hlalani lapha nembongolo; mina nomfana sizoya khona siyokhonza bese sibuyela kini.


Wathi kuye: “Sinotshani obanele, imfuyo nendawo yokulala.”


Ngalokho nami ngimnike uJehova; zonke izinsuku zokuphila kwakhe uyakuba ngobolekiwe kuJehova. Wakhuleka kuJehova khona.


Kwathi uGideyoni esizwa indaba yephupho nokuchazwa kwalo, wakhuleka, wabuyela ebuthweni lakwa-Israyeli, wathi: “Sukumani! ngokuba uJehova unikele impi yakwaMidiyani esandleni sakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite