Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 24:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 U-Abhrahama wayesemdala ecindezelwe yibudala; uJehova wambusisa u-Abhrahama kukho konke.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 U-Abrahama wayesemdala, eseneminyaka eminingi; uJehova wayembusisile u-Abrahama kukho konke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 U-Abhrahama wayesemdala, neminyaka yakhe isiminingi kakhulu. USimakade wayembusisile u-Abhrahama ezintweni zonke.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 24:1
17 Referans Kwoze  

Ngakho-ke abokukholwa bayabusiswa kanye no-Abrahama okholwayo.


Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu lokulunga kwakhe; futhi zonke lezi zinto ziyakwenezelwa nina.


Isibusiso sikaJehova siyacebisa, akenezeli usizi kuso.


U-Abrama wayecebile kakhulu ngemfuyo, nangesiliva nangegolide.


U-Abrahama noSara base bebadala, sebekhulile; kwase kunqamuka ukuba kuSara njengabesifazane.


Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ngezibusiso zonke zomoya ezulwini kuKristu.


Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu; futhi uzakuba yisibusiso.


Ngokuba ukuqeqesha umzimba kusiza kancane, kepha ukumesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, kunesithembiso salokhukuphila, nalokho okuzayo.


Bheka uyihlo u-Abrahama noSara owakuzalayo, ngokuba ngambiza eyedwa, ngambusisa, ngamandisela.


Babengenamntwana, ngokuba u-Elisabethe wayeyinyumba, futhi base bekhulile bobabili.


Inkosi uDavide yayimdala, ineminyaka eminingi; bamembesa izingubo, kepha akabanga nakufudumala.


NgoNkulunkulu kayihlo ozokusiza; ngoSomandla oyakunibusisa ngezibusiso ezivela ezulwini phezulu, izibusiso zikazamcolo owela phansi, izibusiso ezivela emabeleni nasesiswini.


U-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.


UJehova ubusisile kakhulu inkosi yami; wakhula, wamnika izimvu, nezinkomo, nesiliva, negolide, nezinceku, nezincekukazi, namakamela, nezimbongolo.


U-Abrahama wayeneminyaka eyikhulu mhla ezalelwa u-Isaka indodana yakhe.


U-Isaka wahlwanyela kulelo zwe, wazuza ngokuphindwe kayikhulu ngawo lowo mnyaka, uJehova wambusisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite