Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 22:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wabopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e-altare phezu kwezinkuni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Bafika endaweni uNkulunkulu abemtshele yona; u-Abrahama wakha khona i-altare, walungisa izinkuni, wambopha u-Isaka indodana yakhe, wambeka e-altare phezu kwezinkuni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Sebefike kuleyo ndawo uNkulunkulu ayemtshele ngayo, u-Abhrahama wakha i-althare, wabeka izinkuni phezu kwalo. Wayibopha indodana yakhe u-Isaka, wayibeka phezu kwezinkuni e-althare.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 22:9
23 Referans Kwoze  

U-Abrahama ubaba akalungisiswanga yini ngemisebenzi, lapho enikela u-Isaka indodana yakhe e-altare na?


Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo.


Kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi; futhi kulabo abalindele yena uyobonakala ngokwesibili ngaphandle kwesono kube insindiso.


nihambe othandweni, njengalokho noKristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo kuNkulunkulu, abe yiphunga elimnandi.


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, esenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uqalekisiwe wonke olenga emthini;


Indawo yombhalo eyayiwufunda yayisithi: Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu; nanjengewundlu elithule phambi komgundi walo, akawuvulanga umlomo wakhe;


Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu benza icebo namalunga nababhali nomphakathi wonke, bambopha uJesu bamuka naye, bamnikela kuPilatu.


Sebembophile, bamuka naye, bamnikela kuPontiyu Pilatu umbusi.


UNkulunkulu unguJehova owenza ukuba sibone ukukhanya; bopha umnikelo ngezintambo ezimpondweni ze-altare.


UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho; wamakhela khona i-altare uJehova owabonakala kuye.


UNowa wamakhela uJehova i-altare; wathatha kuzo zonke izilwane ezihlambulukileyo nakuzo zonke izinyoni ezihlambulukileyo, wanikela ngeminikelo yokushiswa e-altare.


Wasuka lapho wenyukela entabeni esempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi ngasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wabiza igama likaJehova.


U-Abrama wamisa itende lakhe, wafika wahlala e-okini kaMamre eHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.


Wayesethi u-Abrahama: “Ndodana yami, uNkulunkulu uyakuzilungisela iwundlu libe ngumnikelo wokushiswa; bahamba bobabili kanyekanye.


U-Abrahama welula isandla sakhe, wathatha ummese ukuba abulale indodana yakhe.


Wazihlela izinkuni, wayihlahlela inkunzi, wayibeka phezu kwezinkuni, wathi: “Gcwalisani izitsha ezine ngamanzi, niwathele emnikelweni wokushiswa naphezu kwezinkuni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite