Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 22:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 U-Abrahama waqamba leyo ndawo ngokuthi: INkosi Jire; njengoba kuthiwa kuze kube lamuhla: Entabeni yeNkosi kuzalungiselelwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 U-Abrahama waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi uJehova uyabonelela, njengalokhu kuthiwa nanamuhla: Entabeni kaJehova kuyakubonelelwa.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 U-Abhrahama wabiza igama laleyo ndawo ngokuthi: “KukwaSimakade uyabonelela,” njengoba kushiwo nanamuhla kuthiwa: “Entabeni kaSimakade kuyabonelelwa.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 22:14
19 Referans Kwoze  

U-Abrahama waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nanko inqama ibanjwe emva kwakhe esihlahleni ngezimpondo zayo; u-Abrahama waya wayithatha inqama, wanikela ngayo ibe ngumnikelo wokushiswa esikhundleni sendodana yakhe.


UMose walakha i-altare, walibiza ngokuthi uJehova-Nisi.


UGideyoni wamakhela khona uJehova i-altare, walibiza ngokuthi: UJehova, ukuthula; kuze kube namuhla iseOfira lama-Abiyezeri.


Wayesethi u-Abrahama: “Ndodana yami, uNkulunkulu uyakuzilungisela iwundlu libe ngumnikelo wokushiswa; bahamba bobabili kanyekanye.


USamuweli wathatha itshe, walibeka phakathi kweMispa neSeni, walibiza ngokuthi i-Ebeni Ezeri, wathi: “Kuze kube manje uJehova usisizile.”


Waqamba leyo ndawo ngokuthi iBethele, kepha igama lalowo muzi laqala ngokuthi iLus.


Futhi ngokungangabazeki inkulu imfihlakalo yokumesaba uNkulunkulu: UNkulunkulu wabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, wakholeka emhlabeni, wemukelwa enkazimulweni.


Kungaba yizilinganiso eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, igama lomuzi kusukela ngalolo suku lithi: UJehova ukhona.


Ngoba uJehova uyokwahlulela abantu bakhe futhi azisole ngezinceku zakhe lapho ebona ukuthi amandla azo aphelile, futhi akekho oboshiwe noma osele.


UJakobe waqamba leyo ndawo ngokuthi iPheniyeli, ngokuba ngibone uNkulunkulu ubuso nobuso, wasinda umphefumulo wami.


ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.


Yiba sezinhlungwini futhi uhehe ukuze ubele, ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo; ngoba manje kumelwe uphume emzini uhlale endle, futhi uzoya eBhabhiloni; lapho uyakusindiswa; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.


Ingelosi kaJehova yamemeza ku-Abrahama ngokwesibili isezulwini,


Ngakho-ke kumelwe uvuke ekuseni kanye nezinceku zenkosi yakho eza nawe; futhi lapho nje uvuka ekuseni kakhulu futhi ukhanyise, hamba.


Izwi likaJehova lafika kuye, lathi:


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite