Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:31 - Contemporary Zulu Bible 2024

31 Ngalokho waqamba leyo ndawo ngokuthi iBeri Sheba; ngoba lapho bafunga bobabili.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Ngalokho waqamba leyo ndawo ngokuthi iBeri Sheba,* ngokuba bafunga khona bobabili.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

31 Leyo ndawo yabizwa ngokuthi yiBheri Sheba, ngokuba bobabili bafunga lapho.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:31
14 Referans Kwoze  

Wayibiza ngokuthi iSeba; ngalokho igama lomuzi liyiBeri Sheba kuze kube namuhla.


U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, wathatha isinkwa nojeke wamanzi, wakunika uHagari, wakubeka ehlombe lakhe nomntwana omncane, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane. eBherisheba.


OJuda no-Israyeli bahlala belondekile, kwaba yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.


Ngalokho ngiyaluleka ukuba wonke u-Israyeli abuthane kuwe, kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, ngangesihlabathi esingasolwandle ngobuningi; nokuthi uziyele wena empini.


Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yabuthana njengomuntu munye kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.


neHazarsual, neBeri Sheba, neBisiyotiya,


Wasesuka lapho waya eBherisheba.


Base benza isivumelwano eBeri Sheba; u-Abimeleki wasukuma noPikoli induna yempi yakhe, babuyela ezweni lamaFilisti.


Basebevuka ekuseni kakhulu, bafunga omunye komunye; u-Isaka wabamukisa, basuka kuye ngokuthula.


U-Israyeli wasuka nakho konke anakho, wafika eBeri Sheba, wanikela imihlatshelo kuNkulunkulu kayise u-Isaka.


Lapho ekubona, wasukuma, wabaleka ukuze asindise umphefumulo wakhe, wafika eBeri Sheba elingelakwaJuda, washiya inceku yakhe lapho.


Kepha ningalifuni iBethele, ningangeni eGiligali, ningaweli eBeri Sheba; ngoba iGiligali lizakuya ekuthunjweni, leBhetheli lizabhubha.


Bafika enqabeni yaseTire nasemizini yonke yamaHivi namaKhanani, baphumela eningizimu yakwaJuda naseBeri Sheba.


naseHasarishuli naseBeri Sheba nasemizini yalo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite