Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:23 - Contemporary Zulu Bible 2024

23 Manje funga kimi lapha ngoNkulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nendodana yendodana yami; kodwa ngokomusa engikubonise wona, kumelwe uwenze kimi nakulo izwe ogogobele kulo njengowezizwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ngalokho ngithembise lapha ngokufunga uNkulunkulu ukuthi awuyikungikhohlisa mina nendodana yami nomzukulwana wami; kepha ngokomusa engiwenzile kuwe, mawuwenze nakimi nakulo izwe osugogobele kulo.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Ngakho-ke funga phambi kukaNkulunkulu ukuthi ngeke usiphathe ngobuqili, mina nabantwana bami, nezizukulwane zami, kepha njengoba ngethembekile kuwe, nawe yethembeka kimi, nakuleli lizwe ogogobele kulo.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:23
19 Referans Kwoze  

Manje fungani kimi ngoJehova, lokhu nginibonise umusa, ukuthi nani niyakuba nomusa endlini kababa, ninginike isibonakaliso esiqinisileyo;


U-Abimeleki wathatha izimvu, nezinkomo, nezinceku, nezincekukazi, wakunika u-Abrahama, wambuyisela uSara umkakhe kuye.


Ngokuba abantu bafunga omkhulu kubo, nesifungo sokuqinisekisa singukuphela kwakho konke ukuphikisana.


Futhi ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami, ukuthi ukuniyeka angikafiki eKorinte.


Uzafunga uthi: Kuphila kukaJehova ngeqiniso, ngokulunga langokulunga; izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizidumise Ngaye.


UDavida wasesithi kuye: Ungangehlisela kulesixuku? Wathi: “Funga kimi ngoNkulunkulu ukuthi awuyikungibulala, unganginikele esandleni senkosi yami, ngikwehlisele kulesi sixuku;


UJonathani wasesithi kuDavida: Hamba ngokuthula, ngoba safunga sobabili ebizweni le Nkosi, sathi: I Nkosi izakuba phakathi kwami lawe kuze kube nininini laphakathi kwenzalo yami lenzalo yakho. Wasuka wahamba, uJonathani wangena emzini.


UJonathani waphinda wafungisa uDavide, ngokuba wayemthanda, ngokuba wayemthanda njengoba ethanda umphefumulo wakhe.


UJehova wenza lokhu, nokunye okuningi kuJonathani; kepha uma kukuhle kubaba ukwenza okubi kuwe, ngiyakukwazisa, ngikumukise, uhambe ngokuthula; uJehova uyakuba nawe njengalokho ebenobaba.


Kumelwe umesabe uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, ufunge igama lakhe.


UNkulunkulu ka-Abrahama noNkulunkulu kaNahori, uNkulunkulu kayise wabo, makahlulele phakathi kwethu. UJakobe wafunga ngokwesaba kukayise u-Isaka.


Woza-ke, senze isivumelwano, mina lawe; futhi makube ngufakazi phakathi kwami nawe.


Base bethi: “Sibonile nokubona ukuthi uJehova unawe; sathi: ‘Makube khona isifungo phakathi kwethu, phakathi kwethu nawe, senze isivumelwano nawe;


Ngizakufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu, loNkulunkulu womhlaba, ukuthi kawuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlala phakathi kwawo.


U-Abhrahama wasesithi: Ngizafunga.


Wathi: “Funga kimi.” Wafunga kuye. U-Israyeli wakhuleka ekhanda lombhede.


Inkosi yakhe yabona ukuthi uJehova unaye, nokuthi uJehova wakuphumelelisa konke akwenzayo esandleni sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite