Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:22 - Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ngaleso sikhathi u-Abimeleki noPikoli induna yempi yakhe bakhuluma ku-Abrahama, bathi: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Kwathi ngaleso sikhathi u-Abimeleki noPikoli, induna yempi yakhe, bakhuluma ku-Abrahama, bathi: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Ngaleso sikhathi kwasuka u-Abhimeleki noPhikholi umkhuzi wamabutho akhe, wathi ku-Abhrahama: “UNkulunkulu unawe kukho konke okwenzayo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:22
22 Referans Kwoze  

Ngemva kwalokho u-Abimeleki waya kuye evela eGerari, no-Ahusati umngane wakhe noPikoli induna yebutho lakhe.


INkosi yasisithi kuJoshuwa: Lamuhla ngizaqala ukukukhulisa phambi kwamehlo kaIsrayeli wonke, ukuze bazi ukuthi njengalokho nganginaye uMozisi, ngokunjalo ngizakuba lawe.


Base bethi: “Sibonile nokubona ukuthi uJehova unawe; sathi: ‘Makube khona isifungo phakathi kwethu, phakathi kwethu nawe, senze isivumelwano nawe;


U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe: “Ungudadewethu; u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathumela wamthatha uSara.


Inkulumo yenu mayingabi-kuhaha; yaneliswani ngalokho eninakho, ngokuba ushilo ukuthi: ‘Angisoze ngakushiya, angisoze ngakushiya.


ngokunjalo izimfihlo zenhliziyo yakhe zibonakaliswa; kanjalo uyakuwa ngobuso bakhe, akhuleke kuNkulunkulu, asho ukuthi uNkulunkulu phakathi kwenu ngeqiniso.


Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Celanani icebo, kepha liyachitheka; khulumani izwi, kodwa aliyikuba, ngokuba uNkulunkulu unathi.


Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Bheka, intombi iyakukhulelwa, izale indodana, bayiqambe igama lokuthi u-Emanuweli, okungukuthi ngokuhunyushwa, uNkulunkulu unathi.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngalezo zinsuku kuyakuthi amadoda ayishumi avela kuzo zonke izilimi zezizwe abambe, yebo, abambe isivikelo somJuda, athi: ‘Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unawe.


Usho kanje uJehova, uthi: “Umsebenzi waseGibithe nempahla ethengiswayo yaseKushe neyamaSheba, abantu abade, kuyakufika kuwe, kube okwakho; bayakuza emva kwakho; bayakuza kuwe beboshwe ngamaketanga; bayokuncenga bathi: Ngempela, uNkulunkulu ukuwe; futhi akakho omunye, akakho uNkulunkulu.


USolomoni indodana kaDavide wamqinisa embusweni wakhe; uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye, wamenza waba mkhulu kakhulu.


ULabani wayesethi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, hlala, ngokuba ngibonile ukuthi uJehova ungibusisile ngenxa yakho.”


U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu; uNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki, nomkakhe, nezincekukazi zakhe; futhi bazala abantwana.


Bheka, nginawe, ngiyakukugcina ezindaweni zonke oya kuzo, ngikubuyisele kuleli zwe; ngoba kangiyikukutshiya ngize ngenze lokho engikukhulume kuwe.


U-Abimeleki wathatha izimvu, nezinkomo, nezinceku, nezincekukazi, wakunika u-Abrahama, wambuyisela uSara umkakhe kuye.


Wathi kubo: “Ngiyabubona ubuso bukayihlo ukuthi kabunjengakuqala kimi; kepha uNkulunkulu kababa wayenami.


USamuweli wakhula, uJehova wayenaye, akavumelanga ukuba kuwele phansi nelilodwa lamazwi akhe.


Bafika enqabeni yaseTire nasemizini yonke yamaHivi namaKhanani, baphumela eningizimu yakwaJuda naseBeri Sheba.


UDavide wafunga kuSawule. USawuli wasesiya endlini yakhe; kepha uDavide nabantu bakhe benyukela enqabeni yasezintabeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite