Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 21:1 - Contemporary Zulu Bible 2024

1 UJehova wamhambela uSara njengokukhuluma kwakhe, uJehova wenza kuSara njengokukhuluma kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova wamhambela uSara njengokusho kwakhe; UJehova wenza kuSara njengalokho ekhulumile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 USimakade wamhambela uSara njengoba ayekade eshilo, wamenzela lokho ayemethembise khona.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 21:1
23 Referans Kwoze  

Amazwi kaJehova angamazwi ahlanzekileyo, anjengesiliva elivivinywe esithandweni somhlaba, elihlanjululwe kasikhombisa.


Wathi: “Impela ngiyakubuyela kuwe ngesikhathi sokuphila; bheka, umkakho uSara uzakuba nendodana. USara wezwa ngasemnyango wetende elingasemva kwakhe.


Kukhona okunzima yini eNkosini? Ngesikhathi esimisiwe ngizabuyela kuwe, ngesikhathi sokuphila, njalo uSara uzakuba lendodana.


UNkulunkulu wathi: Impela umkakho uSara uzakukuzalela indodana; uyakuqamba igama layo ngokuthi u-Isaka, ngimise isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.


ethembeni lokuphila okuphakade, uNkulunkulu ongenakuqamba amanga akuthembisa kungakabikho umhlaba;


Kepha owesigqilakazi wazalwa ngokwenyama; kodwa owesifazana okhululekileyo wenziwa ngesithembiso.


Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.


UJehova wamhambela uHana, wakhulelwa, wazala amadodana amathathu namadodakazi amabili. Umntwana uSamuweli wakhula phambi kukaJehova.


Kepha thina, bazalwane, njengo-Isaka singabantwana besithembiso.


Wayeseqeda omalokazana bakhe ukubuya ezweni lakwaMowabi; ngokuba wezwa esezweni lakwaMowabi ukuthi uJehova uhambele abantu bakhe ngokubapha isinkwa.


UJosefa wayesethi kubafowabo: “Sengiyafa, uNkulunkulu uyakuninakekela nokuninakekela, anikhiphe kuleli zwe, aniyise ezweni alifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


Kodwa ngizamisa isivumelwano sami loIsaka, uSara azakuzalela yena ngalesisikhathi esimisiweyo ngomnyaka olandelayo.


Ngizambusisa njalo ngikunike indodana evela kuye; yebo, ngiyakumbusisa, abe ngunina wezizwe; amakhosi ezizwe ayophuma kuyo.


Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli; ngokuba ubahambele, wabahlenga abantu bakhe;


Abantu bakholwa, sebezwile ukuthi uJehova ubahambele abantwana bakwa-Israyeli, nokuthi ulubonile usizi lwabo, bakhothama, bakhuleka.


Ngikhumbule, Jehova, ngokwentando yakho enhle kubantu bakho; ngihambele ngensindiso yakho;


Ungazikhothameli, ungazikhonzi, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu onomhawu, ohambela ububi bawoyise kubantwana, kwesesithathu nesesine isizukulwane sabangizondayo.


Hamba, ubuthe amalunga akwa-Israyeli, uthi kuwo: INkosi, uNkulunkulu wawoyihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, ka-Isaka, noJakobe, ibonakele kimi, yathi: Nginihambele, ngabona okwenziwa kini. EGibhithe:


Ziyakuwisa phansi wena nabantwana bakho phakathi kwakho; kabayikutshiya ilitshe phezu kwelinye; ngoba ubungasazi isikhathi sokuhanjelwa kwakho.


USara umkankosi yami wayizalela inkosi yami indodana esemdala, wayinika yona konke enakho.


Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika emzini wabo eRama; u-Elkana wamvuma uHana umkakhe; uJehova wamkhumbula.


Owesifazana wakhulelwa wabeletha indodana ngesikhathi uEliza amtshela ngaso, ngokwesikhathi sokuphila.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite