Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 20:9 - Contemporary Zulu Bible 2024

9 U-Abimeleki wayesembiza u-Abrahama, wathi kuye: “Wenzeni kithi na? futhi ngone ngani ukuba ulethe isono esikhulu phezu kwami naphezu kombuso wami na? Ungenzele izinto okungafanele zenziwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 U-Abimeleki wayesembiza u-Abrahama, wathi kuye: “Wenzeni kithi na? Ngoneni kuwe ukuba ungilethele mina nombuso wami icala elingaka na? Wenze kimi okungafanele ukwenziwa.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 U-Abhimeleki wabiza u-Abhrahama wathi: “Ukwenzeleni lokhu kithi, mina nombuso wami sikone ngani uze usethwese icala elingaka na? Wenze kithi okungafanele ukwenze.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 20:9
20 Referans Kwoze  

UFaro wambiza u-Abrama, wathi: “Kuyini lokhu okwenze kimi na? awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho?


akakho omkhulu kunami kule ndlu; futhi akangigodlelanga lutho, ngaphandle kwakho, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobu bubi obukhulu, ngone kuNkulunkulu na?


Wayesethi u-Abimeleki: “Wenzeni kithi na? omunye wabantu ubengalala nomkakho kalula, nawe ubungasilethela icala.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, nombhede ungabi nasisihla, kepha izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


abamelwe ukuvalwa umlomo, abachitha izindlu ziphela, befundisa okungafanele ngenxa yenzuzo embi.


Ngokuba akukho ukukhetha komuntu kuNkulunkulu.


Obangela ukuba abalungileyo baduke ngendlela embi, yena uyakuwela emgodini wakhe; kodwa abaqotho bazazuza okuhle.


Wathi kuye: “Qha, mfowethu, ungangiphoqi; ngoba akwenziwa into enje koIsrayeli; musani ukwenza lombhedo.


Intukuthelo kaDavide yamvuthela lowo muntu; wathi kuNathani: Kuphila kukaJehova, umuntu owenze lokho uyakufa nokufa.


Wayesethi uJoshuwa: “Usethuseleni na? uJehova uyakunesabisa namuhla. Wonke u-Israyeli wamkhanda ngamatshe, wabashisa ngomlilo, esebakhanda ngamatshe.


Umuntu ophinga nomfazi wenye indoda, nalowo ophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi bayakubulawa nokubulawa.


INkosi yasibahlupha abantu, ngoba belenzile ithole uAroni alenzileyo.


UMozisi wasesithi kuAroni: Lababantu benzeni kuwe ukuthi uzehlisele phezu kwabo isono esikhulu kangaka?


Kwathi emva kwezinyanga ezintathu watshelwa uJuda ukuthi: UTamari umalokazana wakho uphingile; futhi bheka, ukhulelwe ngokuphinga. Wathi uJuda: “Mkhipheni, amshiswe.”


Amadodana kaJakobe afika evela endle ekuzwa lokho, amadoda adabuka, athukuthela kakhulu, ngokuba wenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe; okuyinto okungafanele yenziwe.


U-Abimeleki wavuka ekuseni kakhulu, wabiza zonke izinceku zakhe, wakhuluma zonke lezi zinto ezindlebeni zazo; abantu besaba kakhulu.


U-Abimeleki wayesethi ku-Abrahama: “Uboneni ukuba wenze le nto na?


Kwathi sekusile, wabona ukuthi nguLeya, wathi kuLabani: “Wenzeni kimi na?” Angikukhonzanga uRaheli na? pho ungikhohliseleni?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite