Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 20:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 Manje buyisela indoda leyo umkayo; ngokuba ungumprofethi, uyakunikhulekela, niphile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha manje wena, buyisa umfazi wendoda, ngokuba ingumprofethi; iyakukukhulekela ukuba uphile; uma ungambuyiseli, yazi ukuthi uyakufa nokufa, wena nabo bonke abakho.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Manje-ke lo mkamuntu mbuyisele endodeni yakhe, ngoba ingumphrofethi. Yona izokushwelezela uphile. Uma kodwa ungamphindiseli, yazi kahle ukuthi uzokufa nokufa, wena, nabo bonke abendlu yakho.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 20:7
42 Referans Kwoze  

Manje zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele umnikelo wokushiswa; inceku yami uJobe uyakunikhulekela; ngoba ngizathokoza ngaye, ukuze ngingenzi kini njengobuthutha benu, ngoba kalilungile njengokutsho kwenceku yami uJobe ngaMi.


USamuweli wathi: “Buthani wonke u-Israyeli eMispa, nginikhulekele kuJehova.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, nombhede ungabi nasisihla, kepha izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


UDavide wakhuluma kuJehova lapho ebona ingelosi ishaya abantu, wathi: “Bheka, ngonile, ngenzile okubi; kodwa lezi zimvu zenzeni? isandla sakho masibe phezu kwami nendlu kababa.


Wathi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami, ningoni abaprofethi bami.”


Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Bheka, bengithi uyakuphumela nokuphuma eze kimi, ame, abize igama likaJehova uNkulunkulu wakhe, ashaye isandla sakhe phezu kwaleyo ndawo naphezu konochoko.”


Uma umuntu ebona umzalwane wakhe ona ngesono esingesiso esokufa, makacele, uyakumnika ukuphila, kulabo abenza isono esingesiso esokufa. Kukhona isono sokufa; angisho ukuthi uyakusithandazela.


UNkulunkulu owakhuluma endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi.


Okhuluma ngezilimi uyazakha yena; kodwa oprofethayo wakha ibandla.


Uma ngithi komubi: ‘O mubi, niyakufa nokufa; uma ungakhulumi ukumxwayisa omubi endleleni yakhe, lowo omubi uyakufa ngobubi bakhe; kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Uma ngithi komubi: Impela uyakufa; futhi ungamxwayisi futhi ungakhulumi ukuxwayisa omubi ngendlela yakhe embi, ukusindisa umphefumulo wakhe; omubi ofanayo uyakufa ngobubi bakhe; kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Kepha uma bengabaprofethi, uma izwi likaJehova likubo, mabangene manje kuJehova Sebawoti, izitsha ezisele endlini kaJehova nasendlini yenkosi yakwaJuda, futhi eJerusalema, ningayi eBhabhiloni.


Wayesethi uJehova kimi: “Noma oMose noSamuweli babemi phambi kwami, nokho imicabango yami yayingenakubhekisa kulaba bantu; zilahle ebusweni bami, ziphume.


UJehova wasesithi kimi: Ungabakhulekeli lababantu kube kuhle kubo.


Imfihlo kaJehova ikulabo abamesabayo; futhi uyobazisa isivumelwano sakhe.


Kangakanani-ke ngongamukeli ubuso bezikhulu, futhi ongabheki ocebile kunompofu? ngoba bonke bangumsebenzi wezandla zakhe.


Inkosi yasiphendula yathi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Nceda ubuso bukaJehova uNkulunkulu wakho, ungikhulekele ukuba siphiliswe isandla sami.” Lowo muntu kaNkulunkulu wamncenga uJehova, isandla senkosi sambuyisela, saba njengakuqala.


Kepha mina, kwangathi uNkulunkulu angangivimbela ukuba ngoni kuJehova ngokuyeka ukunithandazela; kodwa ngizonifundisa indlela enhle nelungile.


Bonke abantu bathi kuSamuweli: “Khulekela izinceku zakho kuJehova uNkulunkulu wakho, ukuze singafi; ngoba senezele lobu bubi kuzo zonke izono zethu ukuba sizicelele inkosi.


Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuSamuweli: “Ungayeki ukukhuleka kuJehova uNkulunkulu wethu phezu kwethu ukuba asophule esandleni samaFilisti.


Umpristi kumelwe amenzele isihlawulelo phambi kukaJehova, futhi uyothethelelwa noma yini kukho konke akwenzile ngokweqa ngakho.


Khona-ke kuyakuthi, ngenxa yokuthi wonile futhi unecala, kufanele abuyisele lokho akuthathile ngamandla, noma lokho akuthole ngobuqili, noma lokho akuphiwa ukuba akugcine, noma okulahlekile akutholile,


Wayesethi umukhwe kaMose kuye: “Ayiyinhle le nto oyenzayo;


INkosi yasisithi kuMozisi: Khangela, ngikwenze unkulunkulu kuFaro; njalo uAroni umnewenu uzakuba ngumprofethi wakho.


Yena uyakuba ngumkhulumeli wakho kubantu, abe, yebo, abe ngawe esikhundleni somlomo, wena ube ngowakhe esikhundleni sikaNkulunkulu;


Ngokuba uJehova wazivalela zonke izizalo zendlu ka-Abimeleki ngenxa kaSara umka-Abrahama.


UJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama.


Izikhulu zikaFaro nazo zambona zamdumisa phambi kukaFaro, owesifazane wangeniswa endlini kaFaro.


Kodwa ungasidli isithelo somuthi wolwazi lokuhle lokubi, ngoba mhla usidla kuwo uzakufa lokufa.


USimoni waphendula wathi: “Ngikhulekeleni nina eNkosini ukuba kungenzeki lutho lwalokhu enikushilo.


Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, ungofileyo ngenxa yowesifazane omthathileyo; ngoba ungumfazi womuntu.


U-Abimeleki wavuka ekuseni kakhulu, wabiza zonke izinceku zakhe, wakhuluma zonke lezi zinto ezindlebeni zazo; abantu besaba kakhulu.


Silalele, nkosi yami, wena uyisikhulu esinamandla phakathi kwethu; yembela ofileyo waKho kwabakhethiweyo bamathuna ethu; akakho kithi oyakugodla ithuna lakhe kuwe, kodwa ukuba ummbele ofileyo wakho.


Ngoba uquqaba lwabantu, abaningi bakwa-Efrayimi nakwaManase, kwa-Isakare nakwaZebuloni, alizange lizihlanze, kodwa ladla iphasika ngaphandle kwalokho okulotshiweyo. Kodwa uHezekiya wabathandazela wathi: “UJehova omuhle uthethelela wonke umuntu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite