Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 20:6 - Contemporary Zulu Bible 2024

6 UNkulunkulu wathi kuye ngephupho: Yebo, ngiyazi ukuthi ukwenzile lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; ngokuba nami nganivimbela ukuba ningoni kimi; ngalokho ngakuvumela ukuba ungamthinti.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wayesethi uNkulunkulu kuye ephusheni: “Nami ngiyazi ukuthi ukwenze lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; futhi ngakuvimba ukuba ungoni kimi; ngalokho angikuvumelanga ukuba umthinte.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 UNkulunkulu waqhubeka ephusheni, wathi kuye: “Nami impela ngiyakwazi ukuthi lokho okwenzile ukwenze ngenhliziyo emsulwa. Yingakho ngingakuvumelanga ukuba umthinte, ngakuthiya ukuze ungoni kimi.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 20:6
22 Referans Kwoze  

Ngokuba kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owangivimbela ukuba ngikulimaze, uma ubungasheshanga ukuza ukungihlangabeza, impela, ngabe akasalanga uNabali ekukhanyeni kokusa uJehova angazange amshaye udonga.


Ngakho-ke, nkosi yami, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, lokhu uJehova ukuvimbile ukuba ungezi ukuchitha igazi nokuziphindisela ngesandla sakho, izitha zakho nabenza okubi mazifune iNkosi yami, njengoNabali.


Inhliziyo yenkosi isesandleni sikaJehova njengemifula yamanzi; Uyiphendulela lapho ethanda khona.


Basuka, ukwesaba uNkulunkulu kwaba phezu kwemizi eyayibazungezile, kabawasukelanga amadodana kaJakobe.


Uyihlo wangikhohlisa, waguqula inkokhelo yami kayishumi; kodwa uNkulunkulu kamvumelanga ukuthi angilimaze.


Ngokuba imfihlakalo yokungalungi isiyasebenza;


Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; Akayikubagodlela okuhle abahamba ngobuqotho.


Ngokuba ngiyakuxosha izizwe phambi kwakho, ngandise umkhawulo wakho; akuyikubakho muntu oyofisa izwe lakho, uma ukhuphuka uvela phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.


Ngalokho phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi, ningathinti okungcolileyo; futhi ngizokwamukela,


Ngakho ngabanikela enkanukweni yenhliziyo yabo, bahamba ngamacebo abo.


Ngonile kuwe wedwa, ngenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, ucace ekwahluleleni kwakho.


akakho omkhulu kunami kule ndlu; futhi akangigodlelanga lutho, ngaphandle kwakho, ngokuba ungumkayo; pho, ngingenza kanjani lobu bubi obukhulu, ngone kuNkulunkulu na?


Ngokuba uJehova wazivalela zonke izizalo zendlu ka-Abimeleki ngenxa kaSara umka-Abrahama.


Ngalokho-ke uNkulunkulu uyakubathumela ukuduka okunamandla, ukuze bakholwe amanga;


Mayelana nezinto enaloba ngazo kimi, kuhle kumuntu ukuba angamthinti owesifazane.


Uma umuntu ona, enze icala kuJehova, aqambe amanga kumakhelwane wakhe kulokho akunikelwe ukuba akulondoloze, noma ngenhlanganyelo, noma ngento ethathwe ngendluzula, noma ekhohlisile umakhelwane wakhe;


U-Abimeleki wayeseyala bonke abantu bakhe, wathi: “Yilowo nalowo othinta le ndoda noma umkakhe uyakubulawa nokubulawa.


Kepha isithelo somuthi ophakathi nensimu uNkulunkulu wathi: Ningasidli, ningathinti, funa nife.


Esehlezi esihlalweni sokwahlulela, umkakhe wathumela kuye, wathi: “Ungabi nandaba nalowo muntu olungileyo, ngokuba ngihlupheke kakhulu namuhla ngaye ephusheni.


UNkulunkulu wayesefika kuLabani umAramu ephusheni ebusuku, wathi kuye: “Ziqaphele ukuba ungakhulumi okuhle noma okubi kuJakobe.”


Nongena nomkamakhelwane wakhe; lowo omthintayo kayikuba msulwa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite