Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 20:17 - Contemporary Zulu Bible 2024

17 U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu; uNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki, nomkakhe, nezincekukazi zakhe; futhi bazala abantwana.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu. UNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki nomkakhe nezincekukazi zakhe, baze bazala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

17 U-Abhrahama wakhuleka kuNkulunkulu. UNkulunkulu wamelapha u-Abhimeleki, umkakhe nezigqila, wabuye wabavula izibeletho,

Gade chapit la Kopi




UGenesise 20:17
18 Referans Kwoze  

Vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko wolungileyo unamandla amakhulu.


Ningakhathazeki ngalutho; kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga.


Nakho konke eniyakukucela ngokukhuleka nikholwa, niyakwamukeliswa.


Celani, lizaphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa;


Usho kanje uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, uMenzi wakhe, uthi: Ngibuzeni ngokuzayo ngamadodana ami, ningiyale ngomsebenzi wezandla zami.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


ukuze banikele iminikelo enephunga elimnandi kuNkulunkulu wasezulwini, bathandazele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.


UJehova ebona ukuthi uLeya uzondwa, wavula isizalo sakhe, kepha uRaheli wayeyinyumba.


Manje buyisela indoda leyo umkayo; ngokuba ungumprofethi, uyakunikhulekela, niphile.


Yebo, nabaprofethi bonke, kusukela kuSamuweli nabalandelayo, bonke abakhulumileyo, babikezela ngalezi zinsuku.


UJehova ukude nababi, kepha uyawuzwa umkhuleko wabalungileyo.


UMose wakhuleka kuJehova, wathi: “O Nkulunkulu, msize, ngiyakukhuleka kuwe.”


Ngalokho abantu beza kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi. UMose wabakhulekela abantu.


Manje zithatheleni izinkunzi eziyisikhombisa nezinqama eziyisikhombisa, niye encekwini yami uJobe, nizinikelele umnikelo wokushiswa; inceku yami uJobe uyakunikhulekela; ngoba ngizathokoza ngaye, ukuze ngingenzi kini njengobuthutha benu, ngoba kalilungile njengokutsho kwenceku yami uJobe ngaMi.


UJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite