Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 2:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

7 INkosi uNkulunkulu yabumba umuntu ngothuli lomhlaba, yaphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; umuntu waba ngumphefumulo ophilayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 USimakade uNkulunkulu wabumba umuntu ngomhlabathi, wayesemphefumulela ngomoya wokuphila emakhaleni, umuntu waba yisidalwa esiphilayo.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 2:7
33 Referans Kwoze  

Kanjalo kulotshiwe ukuthi: Umuntu wokuqala u-Adamu waba ngumphefumulo ophilayo; uAdamu wokugcina waba ngumoya ophilisayo.


UMoya kaNkulunkulu wangenza, lokuphefumula kukaSomandla kwangiphilisa.


Khona uthuli luyobuyela emhlabathini njengoba lwalunjalo, futhi umoya uyobuyela kuNkulunkulu owawunikayo.


Kepha manje, Jehova, ungubaba; silubumba, wena ungumbumbi wethu; thina sonke singumsebenzi wesandla sakho.


Kakhonzwa ngezandla zabantu njengoswela ulutho, yena onika bonke ukuphila lokuphefumula lakho konke;


Umuntu wokuqala uvela emhlabeni, ungowomhlaba; umuntu wesibili yiNkosi evela ezulwini.


Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa uze ubuyele emhlabathini; ngoba nathathwa kuwo; ngokuba uluthuli, uyakubuyela othulini.


Njalo umoya wami ukumi, lomoya kaNkulunkulu usemakhaleni ami;


Konke okunomoya wokuphila emakhaleni akho, kukho konke okusemhlabathini owomileyo, kwafa.


Isiprofetho sezwi likaJehova ku-Israyeli, usho uJehova, oweneka izulu, obeka izisekelo zomhlaba, abumbe kuye umoya womuntu.


Ngoba yena uyasazi isimo sethu; uyakhumbula ukuthi siluthuli.


Uyazi yini ukuthi uJehova unguNkulunkulu; nguye owasenzayo, akuthina; singabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.


Kodwa wena muntu, ungubani wena ophendula ngoNkulunkulu? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: ‘Ungenzeleni kanjalo na?


Yekani kumuntu omoya wakhe usemakhaleni akhe, ngokuba uyakubalwa ngani na?


Ngakho uJehova uNkulunkulu wamkhipha ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo.


Futhi sinabobaba benyama yethu abasilayayo, sabahlonipha; kasiyikuzithoba kakhulu kuYise wawomoya, siphile, na?


Bawa ngobuso babo, bathi: “O Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu oyedwa, uthukuthelele lonke ibandla na?”


Umoya womuntu uyisibani sikaJehova esiphenya konke okungaphakathi kwesisu.


Bheka, ngisesikhundleni sikaNkulunkulu njengokufisa kwakho; nami ngabunjwa ngobumba.


Ngokuba siyazi ukuthi uma indlu yethu yasemhlabeni eyidokodo idilizwa, sinesakhiwo esivela kuNkulunkulu, indlu engenziwanga ngezandla, eyaphakade, esezulwini.


Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obumangalisayo bube obukaNkulunkulu, bungabi buvela kithi.


Esekushilo lokho wabaphefumulela, wathi kubo: “Yamukelani uMoya oNgcwele;


Kakhulu kangakanani ngalabo abahlala ezindlini zodaka, abazisekelo zabo zisothulini, abachotshozwayo phambi kwenundu?


INkosi, uNkulunkulu wemimoya yenyama yonke, mayimise indoda phezu kwebandla,


isikhathi sokuklebhula nesikhathi sokuthunga; isikhathi sokuthula nesikhathi sokukhuluma;


Ngokuba u-Adamu wabunjwa kuqala, kwase kuba u-Eva.


Kodwa kwenyuka inkungu isuka emhlabeni yanisela bonke ubuso bomhlaba.


Umoya wamakhala ethu, ogcotshiweyo kaJehova, wabanjwa emithonjeni yabo, esasho ngaye ukuthi: ‘Emthunzini wakhe siyakuhlala phakathi kwezizwe.


Isho kanje iNkosi uJehova ngalawa mathambo; Bhekani, ngiyakufaka umoya kini, niphile;


UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.


Ngiyakubeka phezu kwenu imisipha, ngenze ukuba kukhuphuke inyama phezu kwenu, nginembese ngesikhumba, ngifake kini umoya, ukuze niphile; nizokwazi ukuthi nginguJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite