Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 2:3 - Contemporary Zulu Bible 2024

3 UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngoba waphumula ngalo ngemva komsebenzi wonke wendalo ayewenzile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Ngakho-ke uNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngokuba ngalo uNkulunkulu waphumula kuwo wonke umsebenzi ayesewudalile, wawenza.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 2:3
22 Referans Kwoze  

Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha lokuphumula, umbuthano ongcwele; ningenzi msebenzi ngalo; kuyisabatha leNkosi ezindlini zenu zonke.


Wasesithi kubo: Isabatha lenzelwa umuntu, umuntu kasenzelwanga isabatha.


Futhi ngabanika amasabatha ami abe yisibonakaliso phakathi kwami nabo, ukuze bazi ukuthi nginguJehova obangcwelisayo.


Base bebuya, balungisa amakha namafutha; waphumula ngosuku lwesabatha ngokomthetho.


Wosebenza izinsuku eziyisithupha, kepha ngosuku lwesikhombisa uphumule; ngesikhathi sokuvuna nasekuvuneni wophumula.


wazisa kubo isabatha lakho elingcwele, wabayala ngeziyalezo, nezimiso, nemithetho ngesandla sikaMose inceku yakho.


Izinsuku eziyisithupha kumelwe wenze umsebenzi wakho, futhi ngosuku lwesikhombisa kumelwe uphumule, ukuze inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule, futhi indodana yesigqilakazi sakho nomfokazi baqabuleke.


Isibusiso sikaJehova siyacebisa, akenezeli usizi kuso.


UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa umsebenzi wakhe abewenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa kuwo wonke umsebenzi wakhe abewenzile.


Lona-ke umlando wamazulu nomhlaba ekudalweni kwakho nomuntu ensimini ngosuku uJehova uNkulunkulu akwenza ngalo.


UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite