Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 2:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Babenqunu bobabili, umuntu nomkakhe, bengenamahloni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Babehamba ze bobabili, u-Adamu* nomkakhe, bengenamahloni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Indoda nomfazi babehamba ze, futhi bengenamahloni.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 2:25
15 Referans Kwoze  

Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; basebethunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izigqoko.


Ngoba umbhalo uthi: Wonke okholwa kuye kayikujabha.


Niyakudla ngokuchichimayo, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; futhi abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.


Jehova, themba lika-Israyeli, bonke abakushiyayo bayakuba namahloni, nabasuka kimi bayakulotshwa emhlabeni, ngokuba beshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.


Ubunqunu bakho buyakwambulwa, yebo, nehlazo lakho liyobonakala;


Ngokuba yilowo nalowo onamahloni ngami nangamazwi ami, iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo yayo, nekaYise, neyezingelosi ezingcwele.


Khona-ke uyozikhumbula izindlela zakho futhi ube namahloni, uma wamukela odadewenu, abadala bakho nabancane bakho; ngizakunika bona babe ngamadodakazi, kodwa kungeyisikho ngesivumelwano sakho.


Ningesabi; ngoba kawuyikujabha, njalo kawuyikuma lenhloni; ngokuba uyakukhohlwa ihlazo lobusha bakho, ungabe usalikhumbula ihlazo lobufelokazi bakho.


Yebo, makangajabhiswa noyedwa okulindileyo; mabajabhe abeqa ngeze.


Lapho uMose ebona ukuthi abantu babenqunu; ngokuba u-Aroni wabanqunula, kwaba yihlazo phakathi kwezitha zabo.


Ngakho-ke yilowo nalowo oyakuba namahloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esifebayo nesonayo; nayo iNdodana yomuntu iyakuba namahloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.


Baba namahloni lapho benza izinengiso na? yebo, ababanga namahloni nakancane futhi bengenakuba namahloni; ngakho-ke bayakuwa phakathi kwalabo abawayo; ngesikhathi engibahambela ngaso, bayakuwa, usho uJehova.


Abenza izithombe ezibaziweyo bayize; nezinto zabo ezimnandi ngeke zisize; futhi bangofakazi babo; ababoni futhi abazi; ukuze babe lenhloni.


Mangingajabhi, Jehova; ngoba ngikubizile; mabajabhe ababi, bathule eHayidese.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite