Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 2:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

2 UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa umsebenzi wakhe abewenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa kuwo wonke umsebenzi wakhe abewenzile.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa imisebenzi yakhe abeyenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Kuthe ngosuku lwesikhombisa uNkulunkulu esewuqedile wonke umsebenzi ayewenza, wayesephumula.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 2:2
11 Referans Kwoze  

Ngokuba wakhuluma ngosuku lwesikhombisa kanje, wathi: “UNkulunkulu waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke;


Lokhu kuyisibonakaliso phakathi kwami nabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade, ngoba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, futhi ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka.


Kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha likaJehova uNkulunkulu wakho; ungenzi msebenzi ngalo, wena nendodana yakho, nendodakazi yakho, nenceku yakho, nencekukazi yakho, nenkabi yakho, nembongolo yakho, nezinkomo zakho, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho; ukuze inceku yakho nencekukazi yakho baphumule njengawe.


Izinsuku eziyisithupha kumelwe wenze umsebenzi wakho, futhi ngosuku lwesikhombisa kumelwe uphumule, ukuze inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule, futhi indodana yesigqilakazi sakho nomfokazi baqabuleke.


Kodwa uJesu wabaphendula wathi: UBaba uyasebenza kuze kube khathesi, lami ngiyasebenza.


Uma ubuyisa unyawo lwakho esabathani, ukuze uthokoze ngosuku lwami olungcwele; ulibize isabatha ngokuthi injabulo, ingcwele kaJehova, idunyiswa; futhi umhloniphe ngokungenzi izindlela zakho futhi ungafuni okuthandwa nguwe futhi ungakhulumi amazwi akho.


UNkulunkulu wabheka konke akwenzileyo, wabona ukuthi kwakukuhle kakhulu. Kwahlwa, kwaba kusasa, usuku lwesithupha.


Ngoba lowo ongene ekuphumuleni kwakhe, laye uphumula emisebenzini yakhe, njengoNkulunkulu kweyakhe.


UNkulunkulu walubusisa usuku lwesikhombisa walungcwelisa, ngoba waphumula ngalo ngemva komsebenzi wonke wendalo ayewenzile.


Izinsuku eziyisithupha kusetshenzwa; kepha ngosuku lwesikhombisa yisabatha, lingcwele kuJehova; yilowo nalowo owenza noma yimuphi umsebenzi ngosuku lwesabatha wobulawa nokubulawa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite