Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

19 Bheka manje, inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, futhi ukhulise umusa wakho ongenzele wona kimi ngokusindisa ukuphila kwami; futhi anginakubalekela entabeni, funa ububi bungifike ngife.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Bheka, inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, ungenzele ububele obukhulu ngokusindisa ukuphila kwami; kepha mina angikwazi ukubalekela entabeni, funa ububi bungifice, ngife.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 ningenzele uzwelo nangiphatha ngomusa nangiphephisa. Kodwa angikwazi ukubalekela ezintabeni, funa ngehlelwe yinhlekelele, ngibhubhe.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:19
20 Referans Kwoze  

Bazakuthi: Kungokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wabo owakhipha oyise ezweni laseGibithe, bathatha abanye onkulunkulu, babakhothamela, babakhonza; ngalokho uJehova wehlisela lobu bubi phezu kwabo bonke.


UDavida wasesithi enhliziyweni yakhe: Ngolunye usuku ngizabhubha ngesandla sikaSawuli; uSawule uyakudangala ngami ukungifuna ezindaweni zonke zakwa-Israyeli; ngakho ngiyakuphunyuka esandleni sakhe.


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo, baqedwe, behlelwe ububi obuningi nezinsizi; ngalokho bayakuthi ngalolo suku: ‘Lokhu okubi akusehlele yini, lokhu uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?


Wothi, ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho; futhi umphefumulo wami uyakuphila ngawe.


Pho siyakuthini ngalezi zinto na? Uma uNkulunkulu engakithi, ngubani ongamelana nathi na?


Wasephendula wathi kuye: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani? koze kube nini nginibekezelela? mletheni kimi.


Omakhelwane bakhe nabazala bakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu esikhulu kuye; basebethokoza kanye laye.


Kodwa uNowa wathola umusa emehlweni eNkosi.


ULoti wasesithi kuwo: Hatshi, Nkosi yami!


Bheka-ke, lo muzi useduze ukuba ngibalekele kuwo, futhi mncane;


ULoti wasuka eZowari, wahlala entabeni, namadodakazi akhe womabili kanye naye; ngoba wesaba ukuhlala eZowari, waya wahlala emhumeni, yena lamadodakazi akhe womabili.


UJosefa wafumana umusa emehlweni ayo, wayikhonza; yammisa phezu kwendlu yayo, nakho konke eyayinakho yakunikela esandleni sakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite