Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:14 - Contemporary Zulu Bible 2024

14 ULoti wasephuma, wakhuluma kubakhwenyana bakhe ababethethe amadodakazi akhe, wathi: Sukani, lisuke kulindawo; ngoba iNkosi izawuchitha lumuzi. Kodwa wayebukeka njengomuntu ogcona abakhwenyana bakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: “Sukani niphume kule ndawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

14 ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.” Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:14
26 Referans Kwoze  

Zahlukaniseni naleli bandla, ukuze ngibaqede ngokuphazima kweso.


Sukani kule nhlangano, ukuze ngibaqede ngokuphazima kweso. Bawa ngobuso.


Balekani eBabele, nisindise, kube yilowo nalowo umphefumulo wakhe; ngoba kuyisikhathi sempindiselo kaJehova; uzayibuyisela kuye.


Wakhuluma ebandleni, wathi: “Sukani ematendeni alaba bantu ababi, ningathinti lutho lwabo, funa nibhubhe ezonweni zabo zonke.”


Izigxobo zahamba umuzi ngomuzi zidabula izwe lakwa-Efrayimi nelakwaManase kwaze kwaba kwaZebuloni, kepha zawahleka, aziklolodela.


Sebezwile ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, abanye bathi: “Sizakubuye sikuzwe ngale ndaba.”


Namazwi abo aba njengeze nje kubo, kabaze bakholwa yibo.


Wathi kubo: Sukani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele. Bamhleka usulu.


Ngase ngithi: “O, Nkosi Jehova! bathi ngaMi: Akakhulumi ngemifanekiso na?


Jehova, ungikhohlisile, ngavuma ukudukiswa; Unamandla kunami, unqobile; Ngihlekisa nsuku zonke, wonke umuntu uyangihlekisa.


Ningazenzi usulu manje, funa izibopho zenu ziqiniswe; ngokuba ngizwile eNkosini uJehova Sebawoti ukuchithwa okunqunyiwe phezu komhlaba wonke.


Ovame ukwenza lukhuni intamo yakhe ngokusolwa uyachithwa ngokuzumayo, kungabikho ukuphulukiswa.


Kodwa baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, bathuka abaprofethi bakhe, kwaze kwafika intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabangakho ukuphulukiswa.


Ngokuba nxa bethi: Ukuthula nokulondeka; khona-ke ukubhujiswa okuzumayo kubehlele, njengomhelo phezu kowesifazane okhulelweyo; njalo kabayikuphunyuka.


Kwathi eseza, idimoni layiwisela phansi, layihlukumeza kakhulu. UJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umntwana, wambuyisela kuyise.


Ukuzalwa kukaJesu Kristu kwaba kanje: unina uMariya esemiselwe uJosefa, bengakahlangani wafunyanwa ekhulelwe ngoMoya oNgcwele.


Wababiza oMose no-Aroni ebusuku, wathi: “Sukani niphume phakathi kwabantu bami, nina nabantwana bakwa-Israyeli; nihambe niyokhonza uJehova njengokusho kwenu.


Kepha yena ongalalelanga izwi likaJehova washiya izinceku zakhe nezinkomo zakhe endle.


Sheshani, nibalekele khona; ngoba mina ngingenze lutho uze ufike kukho. Ngalokho igama lomuzi lathiwa iZowari.


Esebakhiphele phandle wathi: “Balekani ukuphila kwenu; ungabheki emva kwakho, ungahlali ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.


Kwathi sekusile, izingelosi zamphuthumisa uLoti, zathi: “Vuka, uthathe umkakho namadodakazi akho omabili akhona; funa nibhubhe ngobubi bomuzi.


Kwathi uJeremiya eseqedile ukukhuluma kubo bonke abantu amazwi wonke kaJehova uNkulunkulu wabo uJehova uNkulunkulu wabo ayemthume ngawo kubo, wonke lawa mazwi.


U-Azariya indodana kaHoshaya noJohanani indodana kaKhareya nawo onke amadoda azidlayo bathi kuJeremiya: “Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuthi uthi: Ningayi eGibithe ukuba nigogobale khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite