Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 19:13 - Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngokuba siyakuyichitha le ndawo, ngokuba isikhalo ngabo sesisikhulu phambi kukaJehova; uJehova wasithuma ukuba silichithe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 ngokuba siyakuyichitha le ndawo, lokhu isikhalo sabo sesisikhulu ebusweni bukaJehova; uJehova usithumile ukuba siyichithe.”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

13 Isikhalo ngalo muzi sesisikhulu phambi kukaSimakade. Ngalokho usithumile ukuba sizowubhubhisa.”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 19:13
21 Referans Kwoze  

INkosi yasisithi: Ngoba isililo seSodoma leGomora sikhulu, langoba isono sabo sinzima kakhulu;


Njengoba nje iSodoma leGomora, lemizi yangakibo, yenza ubufebe ngokunjalo, ilandela inyama engeyiyo, ibekwe yaba yisibonelo, ithwele ukujeziswa komlilo ophakade.


Kwathi masinyane ingelosi yeNkosi yamshaya, ngokuba enganikanga uNkulunkulu udumo; wadliwa yizimpethu, waphuma.


Bhekani, inkokhelo yezisebenzi ezivune amasimu enu, eniyigodlile ngobuqili, iyakhala; nokukhala kwabavuniyo kungene ezindlebeni zeNkosi yamabandla.


Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala abantu abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu ekamu lama-Asiriya; bavuka ekuseni kakhulu, babeyizidumbu zonke.


Manje-ke ngenyukele yini ngokumelene naleli zwe ngaphandle kukaJehova ukulibhubhisa? uJehova wathi kimi: “Khuphukela leli zwe, ulichithe.


Maye kwababi! kuyakuba kubi kuye, ngokuba inkokhelo yezandla zakhe iyakunikwa yona.


Kodwa abantu baseSodoma babebabi kakhulu futhi beyizoni kakhulu phambi kukaJehova.


Ayesethi amadoda kuLoti: “Usenabakhwenyana, namadodana, namadodakazi, nakho konke onakho emzini, bakhiphe kule ndawo na?


Ngiyakuchitha izindawo zenu eziphakemeyo, nginqume izinsika zenu ezingcwele, ngiphonse izidumbu zenu phezu kwezidumbu zezithombe zenu, umphefumulo wami unengeka nina.


Ngifakaza kini namuhla izulu nomhlaba ukuthi niyakubhubha masinyane ezweni eniwela iJordani ukuya kulo ukulidla; aniyikuzandisa izinsuku zenu kulo, kepha niyakushaywa ngesiqalekiso.


Zonke lezi ziqalekiso ziyakufika phezu kwakho, zikusukele, zikufice, uze ubhujiswe; ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho ukugcina imiyalo yakhe nezimiso zakhe akuyale ngakho.


ukuze uJehova angabe esakwazi ukukuthwala ngenxa yobubi bezenzo zenu nangenxa yezinengiso enazenzayo; ngalokho izwe lenu liyihlane, nesimangaliso, nesiqalekiso, alinamuntu ohlala khona, njenganamuhla.


Zahlukaniseni naleli bandla, ukuze ngibaqede ngokuphazima kweso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite