Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 18:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

8 Wathatha amabhotela, nobisi, nethole abelilungisile, wakubeka phambi kwabo; wema nabo phansi kwesihlahla, badla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Wathatha amangqanga, nobisi, nethole abelilungisile, wakubeka phambi kwawo; wema ngakuwo phansi komuthi; adla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Waletha izaqheqhe, nobisi, nenyama yethole ayeyilungisile, konke lokho wakubeka phambi kwawo. Ngesikhathi lawo madoda edla, yena wayemi eceleni kwawo phansi kwesihlahla.

Gade chapit la Kopi




UGenesise 18:8
17 Referans Kwoze  

Kodwa waphikelela; baphendukela kuye, bangena endlini yakhe; wabalungisela ukudla, wabhaka isinkwa esingenamvubelo, badla.


Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.


Ngokuba nina, bazalwane, nabizelwa enkululekweni; Kuphela ningasebenzisi inkululeko ibe yithuba enyameni, kodwa khonzanani ngothando.


Hhayi kubantu bonke, kodwa kubofakazi abakhethwe ngaphambili nguNkulunkulu, kithina esadla, saphuza naye emva kokuvuka kwakhe kwabafileyo.


Bamenzela khona isidlo sakusihlwa; uMarta wayekhonza; kepha uLazaru wayengomunye wababehlezi naye ekudleni.


Wakuthatha, wadla phambi kwabo.


Kwasekusithi ehlezi labo ekudleni, wathatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika.


Futhi kayikutsho kuye ukuthi: Lungisa engizakudla ngakho, ubhince, ungikhonze, ngize ngidle, ngidathe; andukuba udle, uphuze na?


Zibusisiwe lezozinceku, okuyakuthi inkosi, nxa ifika, izifumane zilindile;


Ngaleso sikhathi kwamiswa abathile ukuba babe ngabaphathi bamakamelo engcebo, neminikelo, nolibo nokweshumi, ukuze kuqoqwe emasimini emizi izabelo zomthetho zabapristi namaLevi ezikuyo; UJuda wajabula ngabapristi namaLevi ababelindile.


UManowa wayesethi engelosini kaJehova: “Asikubambe, size sikulungisele izinyane lembuzi.”


Wacela amanzi, wamnika ubisi; waletha ibhotela esitsheni esimnandi.


Ibhotela lezinkomo, nobisi lwezimvu, kanye namafutha amawundlu, nezinqama zohlanga lwaseBashani, nezimbuzi, kanye namanoni ezinso zikakolweni; waphuza igazi lamagilebhisi elicwengekileyo.


U-Abhrahama wagijimela emhlambini, wathatha ithole elithambileyo nelihle, walinika ijaha; wayesekusheshisa.


Bathi kuye: “Uphi uSara umkakho na?” Wathi: “Bheka, etendeni.”


Kufanele adle ibhotela noju lwezinyosi, ukuze akwazi ukwala okubi akhethe okuhle.


Futhi ngenxa yobisi oluningi abalunikezayo, uyodla ibhotela; ngokuba bonke abasala ezweni bayakudla ibhotela nezinyosi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite