Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 18:25 - Contemporary Zulu Bible 2024

25 Makube kude nawe ukwenza kanjalo, ukubulala olungileyo kanye nomubi, nokuba olungileyo abe njengomubi, okude nawe; umahluleli womhlaba wonke akayikwenza ubulungisa na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

25 Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”

Gade chapit la Kopi




UGenesise 18:25
35 Referans Kwoze  

UNkulunkulu uphendukezela ukwahlulela na? uSomandla uyawuphendukezela yini umthetho na?


Bheka, uNkulunkulu akalahli opheleleyo, futhi akabasizi abenza okubi;


Ngakho omunye uyakuthi: Impela, kukhona umvuzo kwabalungileyo; impela unguNkulunkulu owahlulelayo emhlabeni.


Uyidwala, umsebenzi wakhe uphelele, ngokuba zonke izindlela zakhe ziwukulunga; uNkulunkulu weqiniso ongenabubi, ulungile, ulungile yena.


Phakamisa wena mahluleli womhlaba, unike abazidlayo umvuzo.


Ngokuba sonke simelwe ukubonakala phambi kwesihlalo sokwahlulela sikaKristu; ukuze yilowo nalowo amukele izinto ezenziwe ngomzimba wakhe, njengalokho akwenzileyo, noma kuhle noma kubi.


Khona lizabuya, lihlukanise phakathi kolungileyo lomubi, phakathi kokhonza uNkulunkulu lalowo ongamkhonziyo.


phambi kukaJehova; ngoba Uyeza ukwahlulela umhlaba; Uyakwahlulela izwe ngobulungisa, nezizwe ngobuqotho.


Uqinisile, Jehova, lapho ngiphikisana nawe; ake ngikhulume kuwe ngezahlulelo zakho: kungani indlela yababi iphumelela? kungani bejabula bonke abenza ngokukhohlisa na?


Konke lokhu ngakubona ezinsukwini zami eziyize: kukhona olungileyo obhubhayo ekulungeni kwakhe, kukhona nomubi owelula ukuphila kwakhe ebubini bakhe.


Lomhlangano omkhulu lebandla lamazibulo alotshiweyo ezulwini, lakuNkulunkulu uMahluleli wabo bonke, lemimoya yabalungileyo abapheleliswayo,


Mhlawumbe kukhona abalungileyo abangamashumi amahlanu emzini; uyakuyichitha indawo, ungahawukeli abalungileyo abangamashumi ayisihlanu abakuyo na?


Ngabayala abahluleli benu ngaleso sikhathi ngathi: ‘Zwanini amacala phakathi kwabafowenu, nahlulele ngokulunga phakathi kwalowo nalowo nomfowabo nomfokazi okuye.


Ningakhethi abantu ekwahluleleni; kepha niyakuzwa omncane nomkhulu; akufanele wesabe ubuso bomuntu; ngoba ukwahlulela kungokukaNkulunkulu; necala elinisindayo nililethe kimi, ngilizwe.


Ngakho mina kangonanga kuwe, kodwa wena wenza okubi kimi ngokulwa lami; uJehova uMahluleli uzakwahlulela lamuhla phakathi kwabantwana bakoIsrayeli labantwana bakoAmoni.


Ngakho ukumesaba uJehova makube phezu kwenu; Qaphelani, nikwenze, ngokuba akukho bubi kuJehova uNkulunkulu wethu, nokukhetha ubuso nokwamukela izipho.


Kodwa wena ulungile kukho konke okusehlela phezu kwethu; ngoba wena wenze okulungileyo, kodwa thina senze okubi.


Ngakho-ke ngilaleleni nina madoda anokuqonda! Kukude noNkulunkulu ukuthi ubengenza ububi; nokaSomandla, ukuba enze okubi.


Ngathi enhliziyweni yami: “UNkulunkulu uyakwahlulela olungileyo nomubi, ngokuba kukhona isikhathi sawo wonke umqondo nawo wonke umsebenzi.


Kepha, Jehova Sebawoti, owahlulela ngokulunga, ohlola izinso nenhliziyo, mangibone impindiselo yakho kubo, ngokuba ngimazisile wena icala lami.


Kodwa lina lithi: Indlela yeNkosi kayilingani. Yizwani nina ndlu ka-Israyeli! Indlela yami ayilingani na? izindlela zenu azilingani na?


Bawa ngobuso babo, bathi: “O Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu oyedwa, uthukuthelele lonke ibandla na?”


Khona imithi yehlathi izathokoza phambi kukaJehova, ngoba uyeza ukwahlulela umhlaba.


Yebo, uNkulunkulu ngeke enze okubi, futhi uMninimandla onke ngeke aphendukezele isahlulelo.


Uma engaphenduki, uyolola inkemba yakhe; wawucima umnsalo wakhe wawulungisa.


Amazulu ayakumemezela ukulunga kwakhe, ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela.


Umhlaba ubhubhile nabo bonke abakhileyo kuwo; ngimisa izinsika zawo. Sela.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite