Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UGenesise 17:10 - Contemporary Zulu Bible 2024

10 Lesi yisivumelwano sami eniyakusigcina phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho; Wonke umntwana wesilisa phakathi kwenu kufanele asokwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Yilesi isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho eniyakusigcina ukuthi bayakusokwa bonke abesilisa bakini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Yilesi isivumelwano sami nawe nezizukulwane zakho, okufanele nisigcine: wonke umuntu wesilisa phakathi kwenu kufanele asokwe,

Gade chapit la Kopi




UGenesise 17:10
29 Referans Kwoze  

Wasemnika isivumelwano sokusoka; ngakho u-Abhrahama wazala u-Isaka, wamsoka ngosuku lwesificaminwembili; u-Isaka wazala uJakobe; uJakobe wazala okhokho abayishumi nambili.


Ngokuba singabokusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singathembi enyameni.


lokhu uNkulunkulu emunye, ozalungisisa abasokileyo ngokukholwa, lokungasoki ngokholo.


Ngaleso sikhathi uJehova wathi kuJoshuwa: “Zenzele omese ababukhali, uphinde usoke abantwana bakwa-Israyeli ngokwesibili.


Kumelwe isoke inyama yejwabu lakho; futhi kuyoba yisibonakaliso sesivumelwano phakathi kwaMi nawe.


Ngakho khumbulani ukuthi nina enikade ningabezizwe enyameni, ababizwa ngokuthi abangakasoki ngalokho okuthiwa ngabasokile enyameni okwenziwa ngezandla;


Bonke abafuna ukubonakala bebahle enyameni, yibona abanicindezela ukuba nisokwe; kuphela funa bazingelwe ngenxa yesiphambano sikaKristu.


UJehova uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yenzalo yakho ukuba uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho, ukuze uphile.


Akakho umJuda namGreki, akakho oboshiweyo nokhululekileyo, akakho owesilisa nowesifazane, ngokuba nina nonke nimunye kuKristu Jesu.


Ngakho siphetha ngokuthi umuntu ulungisiswa ngokholo ngaphandle kwemisebenzi yomthetho.


ammisileyo uNkulunkulu, abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngenxa yokuthethelelwa kwezono ezenziwe ngaphambili, ngokubekezela kukaNkulunkulu;


Ngokuba akusiye umJuda onguye ngokusobala; nokusoka akusikho okungaphandle enyameni;


Ngakho uMose uninikile ukusoka; (kungesikho ukuthi kuvela kuMose kodwa kokhokho), niyakusoka umuntu nangesabatha.


Zisokeleni kuJehova, nisuse ijwabu lezinhliziyo zenu, madoda akwaJuda nabakhileyo eJerusalema, ukuze ulaka lwami lungaphumi njengomlilo, luvuthe kungekho ongawucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Nasi isizathu sokuba uJoshuwa abasoke: Bonke abantu abaphuma eGibhithe, abesilisa, yebo, wonke amadoda empi, bafela ehlane endleleni ngemva kokuphuma kwabo eGibhithe.


Ngakho-ke sokani ijwabu lenhliziyo yenu, ningabe nisaba yisijaka.


“ ‘Uma umfokazi egogobele kini, egcina iphasika kuJehova, mabasokwe bonke abesilisa bakhe, asondele aligcine; uyakuba njengowokuzalwa ezweni, ngokuba akuyikudla ongasokile kulo.


USipora wayesethatha itshe elibukhali, wanquma ijwabu lendodana yakhe, waliphonsa ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Bheka, ungumuntu wegazi kimi.


Kodwa kulokhu sizavumelana lani: Uba lithanda ukuba njengathi, ukuthi bonke abesilisa phakathi kwenu basokwe;


U-Abrahama wathatha indodana yakhe u-Ishmayeli nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke abathengwa ngemali yakhe, bonke abesilisa phakathi kwabantu bendlu ka-Abrahama; basoka inyama yejwabu ngalolo suku, njengalokho uNkulunkulu emyalile.


Wonke amadoda endlu yakhe azalelwe endlini futhi athengwe ngemali kowezizwe asokwa kanye naye.


U-Abrahama wayisoka indodana yakhe u-Isaka inezinsuku eziyisishiyagalombili, njengalokho uNkulunkulu emyalile.


Ngalokhu kuphela amadoda azavumelana lathi ukuhlala lathi, abe yisizwe sinye, uba wonke umuntu phakathi kwethu esokiwe, njengalokhu wona esokiwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite